NKOSIE NTOMBELA
IJaji uTshifhiwa Maumela akaphathekile kahle, ngakho ngeke liqhubeke kuleli icala lokubulala likanobhutshuzwayo owabulawa uSenzo Meyiwa njengoba bekuhleliwe.
Bekuhlelelwe ukuba liqale ukuqulwa ngezi 13 Juni 2023 eNkantolo eNkulu yaseNorth Gauteng ePitoli.
Angase angakwazi ukuqhubeka necala ngenxa yezinkinga zempilo. UGeorge Baloyi, ummeli wombuso, uthe, “Sizohlala phansi sihlele ukuthi kuzokwenziwani.
Kulindeleke ukuthi ukuqulwa kwecala kuqhubeke ngoJulayi 17.
Icala lokubulala likaMeyiwa, elaqhubeka sekuphele iminyaka lingasongwa.
UMeyiwa wadutshulwa wabulawa ekubo kowayeyisithandwa sakhe , uKelly Khumalo, eVosloorus ngo 2014.

