NKOSIE NTOMBELA
Kuthungathwa abasolwa ababili ngemuva kwezinsolo zokudubula ababili abahola impesheni KwaZulu-Natal bashisa umuzi wabo nemoto eHlokozi oGwini Lesifundazwe.
Laba ababili abahola impesheni, abaneminyaka engu-74 no-75, bebelele ngesikhathi abalisa ababili bengena endlini befuna izikhiye zeveni ebipake ngaphandle.
Ngemuva kokungabatholi okhiye, la madoda amabili kusolakala ukuthi ashaye abahola impesheni.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCol Robert Netshiunda, usiqinisekisile lesi sigameko wathi abasolwa badubule zombili izisulu ezinyaweni.
UNetshiunda uthe lezinswelaboya zishaye nelinye ilungu lomndeni ngesibhamu ngesikhathi okhiye bemoto bengatholakali.
“Kubikwa ukuthi abasolwa bashise imoto okuholele ekutheni indlu ishe yangqongqa. abalimele baphuthunyiswe esibhedlela ukuze bathole usizo lwezempilo,” kusho uNetshiunda.
Amaphoyisa aseMsinsini aphenya amacala okuzama ukubulala, ukucekela phansi impahla nelokushisa.

