Njengengxenye yokungenelela ekunciphiseni ukuntuleka kwemisebenzi, uHulumeni
wesiFundazwe saKwaZulu-Natal uzokwethula umkhankaso oyingqopha-mlando wokudala
amathuba omsebenzi aqondiswe kubantu abasha.
I-S’thesha Waya Waya (esebenza yonke indawo) ingumkhankaso oqhutshwa nguMnyango
wezokuThutha, oyingxenye yokuhlonipha ukuzibophezela kukaNdunankulu uNomusa Dube –
Ncube ngesikhathi ethula inkulumo yakhe yesiFundazwe.
Kuleyo nkulumo ayenze ekuqaleni konyaka, wabophezela yonke iminyango ukuthi ibeke
eceleni izimali zokulwa nokuntuleka kwemisebenzi njengengxenye yoPhiko lwamaSu
nokweLuleka mayelana nokuDalwa kweMisebenzi.
Lo mkhankaso wethulwe eCurries Fountain eThekwini ngoLwesine olwedlule.
Kulo mkhankaso sekuvele intsha engaphezu kuka-6 000 eqashwe wuMnyango
wezokuThutha nokuPhepha nokuXhumanisa uMphakathi esifundazweni.
“Ukwethulwa kuzosiza abantu abangaphezu kuka-6 000 abayingxenye yezinhlelo ezifana
neVukayibambe Routine Road Maintenance Programme [VRRMP], National Youth
Services, Road Safety Ambassadors, Walking Bus (road safety crossing), Social Crime
Prevention Programme, abaqeqeshelwe umsebenzi. nabathweswe iziqu zomthetho,” kusho
umnyango.
Omunye wentsha othole ithuba lomsebenzi ngaphansi kweVRRMP, uNksz Nompilo Ntuli
(32) uthe impilo yakhe isishintshe kakhulu selokhu aba yingxenye yalolu hlelo, useyakwazi
ukondla umndeni wakhe.
“Ngalolu hlelo ngifunda inqwaba yamakhono, azongenza ngikwazi ukuvula eyami
inkampani. Njengomuntu owondla ekhaya, manje sengiyakwazi ukubeka ukudla etafuleni
futhi ngibeke imadlana yokukhokhela amanye amakhono,” kusho uNtuli..
Lokhu kwethulwa kuzokwandulelwa umkhankaso wokuqinisa umthetho okuhloswe ngawo
ukukhombisa abantu abasha ababuthiwe eMnyangweni Wamaphoyisa aseNingizimu Afrika
kanye nokungenelela kokuqashwa embuthweni wamaphoyisa. – SAnews.gov.za

