U Simphiwe Lindokuhle Dlamini( 28) odume ngelika Da Labrador owenza umculo we Hip Hop, uzalelelwe wakhulela eKZN eThekwini elokishini lase Chesterville, uthi ukhulele eNtuzuma kodwa manje usehlala eMkhumbane Ridgeview.
USimphiwe uthi uqale ukwenza umculo eneminyaka engu-15 ngonyaka ka-2010, ekhuthazaw umfowabo omdlala u uLungstah.
“Uhambo lwami ku-Music selingithathe langibeka ezingeni lokuthi nginem’sebenzi ( projects: MIXTAPES ) esiyisikhombisa ( Seven ) nge-Hippie KidD VIDEO TAPE engiyikhiphe kulonyaka ka-2023 ngo July 28. Kuhambo lwami ngokomculo okokuqala ngikhipha i-mixtape ingama-video okungithokozise kakhulu ngokuba ngalendlela abalandeli bami bayakwazi ukuqonda isihloko se-project njengoba ngisikhiphe singama video, kanye nesimo esisuke ngisichaza kwingoma ngayinye ngayinye. Kulomsebenzi ngibonga abantu engisebenzisane nabo kanye nezinkampani ezingixhasile, ukubala: ALMAC, BLAQ HIPPIE, SOLOTWIN, ABRAHAM KORTJAAS, LUVERT STUDIOS e.t.c”. Kuzisholo yena uSimphiwe.
Ubefisa ukuthola usizo ekutheni aphumelele ekuhleleni iLaunch, ezonika abantu ithuba lokuthi bakwazi ukuzizwela nokubona umsebenzi wakhe ukuze umculo wakhe ufinyelele ezinhlizweni zabantu.
“Umculo wami uwuthola ka-Youtube, SoundCloud, Audiomack, Slikour: @DaLabrador kanye nawo wonke ama-streaming platforms: @Da Labrador. Umuntu ofisa ukuxhumana nami engangithola- WhatsApp: 062 067 9583 ( iyafoneleka )- Facebook: Da Labrador Yay
Instagram: @da_labrador- Tiktok: @dalabrador
Twitter: @dalabrador Email. labradordarapper@gmail.com” kusho uSimphiwe egoqa inkulumo yakhe.

