Injabulo amalunga omphakathi wase Fennin ku Ward 92 ehlomula ngezindlu

Abechichima injabulo amalunga omphakathi  waseFannin eClermont, kuWadi 92, ngesikhathi uSihlalo weKomidi lezokuHlaliswa kwaBantu kule Wadi, uThembani Luthuli, enikezela ngezindlu emindenini emibili. Lezi zindlu zakhiwe ngaphansi kwesigaba sesibili sohlelo iWest Storm Disaster Housing Project 2019. Ngokusho kolwazi olucashunwe ekhasini lika Facebook kaMasipala weTheku sithi, zikhona nezinye izindlu ezizonikezelwa kubanikazi bazo maduzane.

Continue reading

Inhlangano i One voice South Africa yethule ngempumelo eyokuqeqesha abantu abasha kwezepolitiki

Inhlangano engenzi nzuzo I One Voice South Africa yethule ngempumelelo uhlelo lokuqeqesha abantu abasha  endaweni yase  Phansi Ubuntu Museum eGlenwood eThekwini. Le nhlangano ibizokwethula imisebenzi  eyenziwe abantu abasha abasebenzisane nabo kulomkhankaso wayo wokucija nokufundisa ukubaluleka kokuzazi Kanye nokuqonda ipolitiki ibambisene neDemocracy Development Programme (DDP).

Continue reading