Umqeqeshi weBafana Bafana ukhuthaze abadlali abaphelelwa yizinkontileka
UMQEQESHI weBafana Bafana Cosafa Cup uMorena Ramoreboli ukhuthaze abadlali abaphelelwe
yizinkontileka abafana noLesedi Kapinga noLyle Lakay ukuthi basebenzise isikhathi sabo eqenjini
lesizwe ukuheha abaqashi abasha.

