Masiphephe kulamaholidi ePhasika
Angibingelele sizwe sakithi , kubesenhliziyweni yami ukuthi nginibhalele ngesixwayiso sokuphepha kulempelasonto yePhasika, esikhathini esihle sesikhumbuzo sokufa nokuvuka kweNkosi uJesu Kristu masingakhohlwa ukuthi noSathane usemsebenzini ngazo izikhathi ezinjena, masiqaphele ukushayela ngesivinini esiphezulu nokushayela siphuze amanzi amponjwana ukuze sivikeleke ezingozini zemigwaqo, masikuqaphele futhi nokuhamba ebusuku okungenasidingo ngoba nobugebengu buningi ngalezikhathi wonke umuntu ufuna imali ukuze azijabulise kulempelasonto nezigebengu zidlangile nazo.

