Kuhlomule abafundi ababalelwa ku 14,000 ohlelweni lokwelulekwa kowe Inyala Future Fit

Abafundi abangaphezu kuka-14,000 KwaZulu-Natali baye bagqugquzelwa ngohlelo lwe-Nyala Future Fit Programme, okuwumkhankaso wokweluleka ngemisebenzi owenziwe ezikoleni ezingu-21 emiphakathini engenazo izinsiza kusukela ngo-Okthoba 2022 kuya kuMashi 2023. Lolu hlelo lugxile kakhulu kubafundi abasemaBangeni 9, 11 no-12. Lona bekuwumsebenzi owenziwe ngokubambisana phakathi kwe-Careerlinx Empowerment Solutions, i-Career Connect Group, kanye ne-Nyala, ibhrendi yasendaweni ezibophezele ekugqugquzeleni intsha yaKwaZulu-Natal kanye nokulwa nenkinga yezinga  eliphezulu lokuntuleka kwemisebenzi.

Continue reading

Kukhuthazwa abahlali ukuba bagcine imiphakathi yabo ihlanzekile

Izinhlelo zokukhuculula ziyaqhubeka ezindaweni ezahlukene njengengxenye yokuhanjiswa kwezidingo. Lokhu kuza ngemuva kokuthi iMeya yeTheku uKhansela uMxolisi Kaunda ehlangane nabasebenzi bakaMasipala basezifundeni ezahlukene ngenhloso yokuqinisa umsebenzi okumele wenziwe ukuze kuphuthunyiswe ukuhanjiswa kwezidingo kubantu. “Sizimisele ngokubhekana nezinselelo zokuhanjiswa kwezidingo nokuhlanza imiphakathi yaseThekwini. 

Continue reading