AbeIndependent Electoral Commission  bakhuthaza abantu ukuthi baqhubeke babhalisele ukuvota online.

SHEILA MHLONGO

Nakuba sekwedlule izimpelasonto obekubhaliselwa ngazo ukuvotela ukhetho luka 2024, inhlangano ebhekele ezokhetho Independent Electoral Commission ikhuthaza abantu ukuthi basengaqhubeka babhalisele ukuvota online.

Kusukela ngonyaka ophelile  2023 kuze kube ngenyanga abe IEC babike ukuthi  sikhuphukile isibalo sababhalisele ukuvotela ukhetho luka 2024 ezweni lonke saye safinyelela ku 27, 537. 927million uma kuqhathaniswa nokhetho luka 2019 olwaba nabavoti ababalelwa ku 26,756.649.Kanti kulonyaka isibalo sabesifazane ababhalisele ukuvota, singaphezulu, ngamaphesenti angu-55.23% ukwedlula abesilisa ngamaphesenti angu- 44,77%.

Ngokwezibalo ze-Independent Electoral Commission (IEC) zithi babalelwa ku 1,2 million izibalo zabantu ababhalisele ukhetho kulonyaka, kanti abantu bakuleli abangakabhalisi  bayanxuswa ukuthi bangaqhubeka babhalise online uma bengatholanga ithuba ngesikhathi sokubhalisa ezikhungweni.

Mayelana nokhetho luka-2024  umthetho uthi umuntu kufanele abhalise lapho ehlala khona, futhi avote lapho ebhalise khona.Ngakho-ke uma umuntu ethuthile kusukela lapho wagcina ebhalise khona noma avota khona okokugcina, udinga ukubhalisa kabusha ekhelini  elisha, ngoba ngeke umuntu avunyelwe ukuvota lapho engabhalisanga khona.

Abe IEC baveze ukuthi ngokohlelo lwabo ukhetho bekufanele lube ngenyanga kaMeyi kodwa uMengameli wezwe uyena onegunya lokumemezela usuku lokhetho.Nokho kulindeleke ukuthi uMengameli wezwe amemezele usuku lokuvota emva kwezinsuku ezingu 15 emva kokwethula inkulumo yakhe yesizwe ayenze ngeviki eledlule ngoLwesine lomhlaka 8 Febhuwari 2024.

Njengoba sekwedlule izimpelasonto zokubhalisela ukuvota abakwa IEC baluleka ngokuthi kumele, wenze lokhu okulandelayo:

-Buyekeza ikheli lakho kwi-inthanethi noma nini,

noma kuphi.

http://registertovote.elections.org.za.

Kuphephile, kuyashesha, futhi kulula.

Thola isiteshi sakho esisha sokuvota ku-

https://maps.elections.org.za/vsfinder/

-Bhalisa kabusha ehhovisi langakini lakwa-IEC

kusukela ngoMsombuluko ukuya kuLwesihlanu

ngo-8am-5pm. Vakashela ku-

www.elections.org.za/pw/About-Us/Find-IEC-

Local-Offices l Sishayela ucingo kuqala ukuze

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *