SHEILA MHLONGO
URichard Masemola, odabuka eNewcastle ngaphansi kwemaJuba District kodwa ngokomsebenzi utholakala kakhulu eGauteng.
UMasemola uyiCiko eselimkatshubomvu kwezomculo wokholo njengoba eqale ukuqopha umculo wakhe eThekwini ngonyaka ka 1994, lapho wabe esebenza ngokubambisana nowayengu Projusa wakhe
uKnowledge Simelane, isihloko seAlbum sasithi ‘Time to praise the Lord,’ waphinda wasebenza noMfundisi Mthunzi Namba owayenguProducer wakhe kwiAlbum yakhe yesibili eyayithi ‘Jikelele’ eyaduma kakhulu emsakazweni nakumabona kude.
Ngonyaka ka –2008 waqopha enye iAlbum yesihloko esithi‘Ngihamba NoJesu’, nakuyo uMfu Mthunzi Namba wabe enguProducer. Ngo 2018 waqopha enye iAlbum esihloko sayo sithi ‘Ungaphephela Khona’. Ingoma Ungaphephela Khona isadlalwa emisakazweni emikhulu la ezweni. Emva kwaleyo album wabe eserekhoda iSingle ethi ‘Udumo’. Lengoma idlalwe kakhulu kumabona kude kanti namanje isadlalwa. Ngo 2022 warekhoda enye iSingle ethi ‘Ifavour Yakhe’. Lengoma nayo iyadlalwa emisakazweni nakumabona kude.
UMasemola useke wahambela naphesheya kwezilwandle ngenxa yethalente lakho kulendima yezomculo weGospel.
“Njengomculi waseSouth Africa sengike ngaya phesheya eLondon lapho ngangimenywe iRevelation TV esakaza kuSky TV, ngangirekhoda bukhoma esteji umculo wami wawusudlalwa phesheya. Ngo2006 ngabe sengithola isimemo sokucula kuBirthday Party, lokho kwakuyinto enkulu kakhulu kimi ukuculela umhlonishwa okulelaqophelo”.Kusho uMasemola.
Kuyimanje uMasemola usephinde wathola ukuhlonipheka ngokuqokelwa kuma- Awards e iSouth African Gospel Recognition Awards (SAGRA).
“Njengamanje ngingomunye wabahlonziwe kwi-South African Gospel Recognition Awards (SAGRA) ukuba ngingenele umncintiswano ngaphansi kwe Best Gospel Jazz Project. Lokhu kuhlonzwa kwami kuloluhlelo kusho lukhulu kimi ngoba kubonisa ukuhlonishwa emkhakheni wezamaciko emva kweminyaka eminingi kangaka ngikuwo.” Esho weleka ngokuthi ufisa ukwesekwa abalandeli bakhe kanye nomphakathi wonkana ukuthi umvotele.
”Ngiyafisa futhi ngiyacela abantu bonke bangivotele . Ukungivotela SMS SAGRA12 ku 34232.” Echaza.
UMasemola uyatholakala ezinkundleni zokuxhumana kuFacebook URichard Masemola kanti kuInstagram uRichard_Masemola

