Kumenzele ugazi ukungancethezi nokusebenza njengengcithabuchopho owe-IFP

Kumenzele ugazi ukungancethezi nokusebenza njengengcithabuchopho uMnu Arthur Thamsanqa Ntuli oqokelwe kwesokuba nguNdunankulu waKwaZulu-Natali ngaphansi kweqembu-Inkatha Freedom Party (IFP). Okuyikho okwenze aqokwe ngo-elethu, ngenxa yemisebenzi yakhe ethathe leli qembu yalibeka kwibalazwe, wakwazi nokugwinya amanye amawadi enhlangano endaweni ebiyaziwa njengesizinda seqembu elibusayo.

Continue reading

Amaqembu ezepolitiki kumele akuqonde ukuthi ukususa iqembu elibusayo emandleni angeke kuwenze umlingo wokulungisa lelizwe.

Kulamaqembu ezepolitiki amaningi kangaka abalelwa ku 350 aphokophele ukungenela ukhetho ukuze athole ithuba lokungena emandleni ombuso amanye ngenhloso yokugudluza iqembu elibusayo. Elami lithi iqembu lepolitiki lilodwa ayikho into embi elingayenza kodwa kunalokho abantu abasuke bekulo ibona abenza okuphambene nemigomo yeqembu.

Continue reading