SHEILA MHLONGO
Ngifisa ukusebenzisana kakhulu nama-organizations ngokwenza ama-awareness emphakathini ngokuhlukunyezwa kwezingane nabesifazane GBV. Kulonyaka ngihlela ukuhambela zonke izifunda ngizifikele mathupha kubantu okuyibo abasaphothe umsebenzi bese ngokuphela konyaka ngibenzela omusha umsebenzi esengiqalileke ukuwulungiselela.
Ngingathanda ukukhuphula izinga koproducer ngilande uMajimiza Ndlovu laphaya isizathu usemusha nama-project asewenzile mahle kakhulu ngivale nge-artist uDumakahle isizathu sokukhetha yena ubuciko anabo ekudluliseni umlayezo. U-2024 ungifundise ukuzibambela mina mathupha ezintweni ezithinta amaproject ami ngadliwa kakhulu imali ngento engingakwazi ukuzenzela yona masikhuluma ngoku distributor umusic online and amaregistration kuma organizations ahlukene abhekelele umculo.
Abalandeli bomculo abalindele ukungibona ezindaweni zangakubo kanye nomsebenzi omusha ka-2025. Umculo wami uyatholakala kuma digital platforms noma ezitolo zomculo zonke . For bookings or more information contact no.: 065 138 0301 calls only, email: sakhilekwanda828@gmail.com Facebook: Ubuhle Buyeza Ndlovu

