UMabutho Kunene ongubhali wezindaba ku Facebook ufisa ukuba umbhali ovelele ezweni lonke

SHEILA MHLONGO

Isifiso sami ukushicilela enye incwadi, ngithuthukise nababhali abasafufusa nami ngikhule endimeni yokubhala ngindlondlobale incwadi yami igcine ingena ezikoleni ngifisa ukukhipha incwadi yesibili ebese ngikhulisa iFacebook Page lami lifike ku-100k followers njengoba beku-66k. Njengombhali ngifisa ukuhlangana neFilm maker ezothatha izindaba zami siqophe umdlalo ozovela kumabonakude uzwakale nasemsakazweni ngisanda kushicilela incwadi esihloko sithi: NGAFUNGA BANTABAMI.

Kulonyaka ngiqokwe kuMzansi Art Media Awards ngaphansi kweBest Writer Category. Kuyisifiso sami ukuvela kwelinye lamakhasi ephaphandaba iKZN Namuhla Community Newspaper. Njengoba ngizigqaja ngemvelaphi yami ikwaZulu Natali.

Kuningi engikufundile ikakhulukazi kulomkhakha wokubhala izindaba kuFacebook,  ukuthi akufanele neze uvilaphe futhi kufanele ubenendlela yokukhuluma nabalandeli ikakhulukazi uma kwenzekile wanyamalala.  Kulonyaka ngicela abafundi bezindaba zami ukuthi balindele indaba entsha engicabanga ukuthi bazoyithokozela.

Njengombhali ngifisa uma befuna incwadi ngiyithumela ngo Pep Paxi uyilande kwa Pep oseduze nawe. Singaxhumana: 0825882131, Facebook Page: Zulu Novels by Mabutho Kunene.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *