Uhulumeni wamukele ukuhoxiswa kwenqubo mgomo yokusebenza komthetho wezokudla ye-hemp ne-cannabis

SHEILA MHLONGO

Uhulumeni wamukele ukuhoxiswa kwenqubo mgomo wokusebenza komthetho woMnyango wezeMpilo ebivimbela ukuthengiswa kwemikhiqizo yokudla ye-hemp ne-cannabis, ngokusho kukaNgqongqoshe eHhovisi likaMongameli, uKhumbudzo Ntshavheni.

Kumenyezelwe  ukuthi uNgqongqoshe Wezempilo, uDkt. Aaron Motsoaledi, uzohoxisa lenqubo mgomo ngemuva kwemihlangano noMengameli Cyril Ramaphosa.

UMengameli uRamaphosa uthembise ukuqinisekisa ukubandakanywa kwazo zonke izinhlaka ezithintekayo, nokubonisana komphakathi ekuthuthukisweni kwendlela yokusebenza kwalomthetho omusha ozosiza ukunciphisa ubungozi kwezempilo, ikakhulukazi ezinganeni.

Ngakho-ke, uMnyango Wezempilo uzohoxisa inqubo mgomo ngaphansi koMthetho Wezokudla, Izimonyo, Nezibulala-magciwane, bese uqhubeka nokubonisana kabanzi ngaphambi kokushicilela inqubo mgomo ebuyekeziwe.

Ngaphezu kwalokho, uNgqongqoshe uNtshavheni umemezele ukuthi uMnyango Wezobulungiswa Nokuthuthukiswa Komthethosisekelo uqhuba izinhlelo zokuhlela inqubo mgomo yokusebenza koMthetho we-Cannabis for Private Purposes.kulabo abasebenzisa iCannabis ngokwabo.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *