ONGEZIWE NTONDINI
Kubanjwe imashi ebizwa ngokuthi yiMarch on March yokuxosha abokufika abasezweni laseNingizimu Afrika bengenazo izincwadi ezisemthethweni.Lemashi isukele epaki iKing Dinizulu Gardens esenkabeni yedolobha iTheku mhla zingu-24 kuMashi 2025.
I-Mashi ibihlelwe ngumsakazi weVuma Fm ezinze e-uMhlanga, uJacinta Ngobese-Zuma ngenhloso yokunqanda ukungena kwabantu bakwamanye amazwe abangekho emthethweni.uJacinta uqinisekisile ukuthi akukho lutho oluyi-Xenophobix mayelana neMashi ebibizwa ngokuthi iMarch on March futhi akuyona iMashi yezepolitiki.
“ Isizathu esenze ukuthi sibambe lemashi ingoba abantu bokufika sebenze umonakalo omningi ofana nokuthatha amathuba emisebenzi abantu bakuleli, kanye namathuba amabhizinisi kanti nohulumeni akabanaki abantu bakuleli, kodwa uqala ukuza kubo uma sekuzovotwa kuphela.” Kusho uJacinta
UNgqongqoshe wamaPhoyisa uSenzo Mchunu uthe, yize esekela i- “March in March” eyenzeka eThekwini uxwayise ukuthi ababambiqhaza bakwenze ngokuthula nangaphandle kodlame.
Esitatimendeni esikhishelwe abezindaba, uMchunu uthe: “Njengohulumeni, sihlala sizibophezele ekuqinisekiseni ukuphepha kwabo bonke abantu baseNingizimu Afrika, futhi siyaqonda ukuthi izinselelo zokufuduka, ikakhulukazi ezibandakanya abantu abangenazo izimvume zokuba kuleli, zinomthelela omkhulu kwezokuphepha kwezwe kanye nokuphepha komphakathi.
UMchunu uphawule ukuthi kubalulekile ukuqaphela ukuthi labo abangena ezweni lethu ngokungemthetho bangafaka isandla ekwandeni kobugebengu, okubeka ingcindezi ekuphoqeleleni umthetho kanye nenhlalakahle yezakhamizi.
“Ukuphepha kwazo zonke izakhamizi, kungakhathalekile ubuzwe bazo, kuyinto ebalulekile, futhi sikhuthaza bonke abantu nemiphakathi ethintekayo ukuthi baqhubeke nokusebenzisana nomthetho ngendlela eyakhayo,” kusho uMchunu.
Ephetha uMchunu uthembise ukuthi iSouth African Police Service (SAPS) izoqhubeka nokuqinisa imizamo yayo yokuvikela bonke abantu baseNingizimu Afrika nokuqinisekisa ukuthi ukubusa komthetho kuyagcinwa

