SHEILA MHLONGO
UMasipala waseJozini, ngaphansi kwesifunda uMkhanyakude,usememezele ngokusemthethweni ukwemukela ukuqokwa kuka khansela Nksosinathi Myeni esikhundleni sokuba iMeya entsha emva kokwesula esikhundleni kobeyiMeya yaloMasipala uMfananaye Mathe oshiye nesikhundla sokuba ilunga lekomidi lesigungu esiphezulu.
Ukhansela Nkosinathi Sicelo Myeni ukhethwe njengeMeya entsha ngomhlaka 16 Meyi 2025, ngesikhathi kuhlanganiswa iSeshini Ekhethekile yoMkhandlu ngenhloso yokumkhetha. Unolwazi olunzulu kwezohulumeni basekhaya, njengoba esebenze njengelunga loMkhandlu kusukela ngo-2011. Ukhansela Myeni wake waba nguSomlomo woMkhandlu kuhulumeni wangaphambili, futhi kusukela ngo-2021, ubesebenza njengoSihlalo wekomidi lezokuhlela, ezentuthuko yezomnotho kanye nezokuhlaliswa kwabantu.
Ukhansela Myeni, umele iWadi-1 ngaphansi kweqembu le-Inkatha Freedom Party (IFP), kulindeleke ukuthi asebenze kulesi sikhundla kuze kube ngonyaka ozayo wokhetho lukahulumeni basekhaya ngo-2026. Njengoba eqala umsebenzi wakhe, uMyeni uzwakalise ukuzibophezela kwakhe ekuhlangabezaneni nabantu baseJozini, ekuthuthukiseni ukuhanjiswa kwezidingo, nasekwakhiweni kukahulumeni onozinzo nowethembekile. Uqinisekisile ukuzimisela kwakhe ukusebenza eduze nemiphakathi, ethintekayo, kanye nawo wonke amazinga kahulumeni ukuze kuqhutshekwe nentuthuko nokuphuculwa kwezinga lempilo kubahlali kuMasipala wonke. UMasipala ubheke ngabomvu ubuholi bakhe ekuqiniseni ukubusa kahle, ukuqhuba ukuthuthukiswa kwengqalasizinda, nasekuthuthukiseni izinga lempilo kubo bonke abantu.

