SHEILA MHLONGO
Bekungokokuqala ngqa ukuqokwa kuma-MTCMA -“Mzantsi Traditional and Cultural Music Awards” kanti umsunguli uDkt. Nomdakazana Dlamini. Ngiphume nginqobile ngakho lendondo isho lukhulu uma uyiqhathanisa neyaphambilini futhi bengikanye neLegends embonini yomculo yaseNingizimu Afrika bafakaza beza bazongihalalisela baphinde baba nezingxoxo ezincane noMnu. Lance Stehr(Ghetto Ruff CEO) mayelana nohambo lwami lomculo.
Icwecwe lami selenziwe njengoba ngangithembisile kodwa nakwelinye uhlangothi ngisenazo ezinye izinto okufanele ngibhekane nazo ngoba manje iningi lamaCiko aziwayo azimisele ukusebenza nami ngakho ngilokhu ngiwengeza njengoba nami bengiphupha ngokusebenza nawo manje kuyenzeka. Mayelana nosuku ephuma ngalo kuzoya ngokuthi i-albhamu iqedwa nini ngokugcwele futhi ngenelisekile ngazo zonke izingoma ngoba kufanele nginikeze abantu i-albhamu ekade beyilindile.
Yebo, lokho kuyinhloso yami enkulu lapho ngiphuma khona bengijwayele ukutshela abaculi abasaphusha ukuthi, bangalokothi baphele amandla bavumele noma ngubani ukuba ibulale iphupho labo. Ngiwufakazi obuphilayo ngoba ngiphuma. KwaNomzamo(Humansdorp) futhi ngaphandle kosizo oluvela kumuntu kodwa ngikwazile ukuqhubeka nokuphusha usuku nosuku kodwa namuhla ngikhona.
Kulezinsuku udinga ukwazi indaba yakho ngakho noma nini lapho unikezwa inkundla udinga ukubakhombisa ukuthi ungubani nokuthi uvelaphi. Njengoba ngishilo abaculi abaningi abaziwayo bazimisele ukusebenzisana nami futhi abanye sebekwi-albhamu yami ezayo, Zakwe,Abdus(lnsuma-nsumane), Flash lmizi,Just Bheki, Cy Music,Frans CEO, Bongo Riot no-AB Crazy Merel.ukubala abambalwa. Okokugcina kunenkampani ebizwa nge-CCA Distribution esebenza ngaphansi kwe-Gallo ngakho bake bangithinta ukuze bathole isivumelwano sokusabalalisa.
Kubo bonke abafowethu nodadewethu ababhekene nalezi zinselelo ezahlukene ngaphandle komculo kodwa empilweni jikelele. Sicela niziqhelelanise nezidakamizwa, nifune uNkulunkulu ezimpilweni zenu niqhubeke nikhuleke niphushe amaphupho enu. Ngoba akukho okuzokwenzeka uma ungasukumi uthathe isinyathelo. Okokugcina, funda ukuzithoba ube nenhlonipho.

