IMpofana izowabambela ezweni laseNetherlands amalungiselelo esizini entsha yeBetway Premiership  

SBU MAMBA

IKaizer Chiefs amakhosi abafana bokuthula noxolo balifulathele ngoLwesine olwedlule  elakuleli balibangisa kwelama Dutch eNetherlands lapho kulindeleke ukuthi igadulisane namaqembu  amakhulu akulela lizwe ambalwa , amakhosi azodlala imidlalo yobungani emihlanu namaqembu asezingeni eliphezulu aseDutch aphuma ku Eredivisie ne-Eerste Division ,  emine kule imidlalo izovulelwa umphakathi owodwa ubanjwe kuvaliwe.

Umdlalo wokuqala ezikaShintsha Guluva zizodlala neSBV Vitesse Arnhem , iSportpark Driel ivulekele esidlangalaleni , ngomhlaka-11 Julayi Amakhosi azodlala nezikhondlakhondla zase Dutch iFC Utrecht bese kuthi ngomhlaka-15 Julayi idlale nePEC Zwolle. Phakathi nekhempu amalungu abezindaba azomenywa ukuba ahambele izikhathi zokuqeqesha ezikhethiwe lapho kuzoba namathuba okuxoxisana nabadlali namalumgu eqembu lezobuchwepheshe, ngaphezulu kwalokho bazokwazi ukusebenzisana neqembu labalandeli be-Chiefs abazobe behamba nesikwati.

Abaphathi beChiefs bazigcinile izethembiso zabo bathengela umqeqeshi weChiefs uNassredine Nabi abadlali abasezingeni eliphezulu, impofana izoshaya ngabadlali abasha abangu-8 ngesizini entsha yeBetway Premiership, konozinti kuzoba uRenald Leaner emthenge kuSekhukhune United kanti esiswini izogadla ngo-Ethan Chislett insizwa edabuka eThekwini kodwa othengwe ku Port Vale yase United Kingdom (UK), kanti kubagadli izofolosa ngonyazi lomgadli odabuka ePortugal uFlavio Silva nensizwa yaseNigeria uEtiosa Ighodaro kanti odongeni lwasemuva izobe ishaya ngo Nkanyiso Shinga waseKZN kodwa othengwe ku FC Alverca yase Portugal ,no-Asanele Velebhayi othengwe kuCapetwon Spurs .

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *