UChris Shabane imbongi ufisa ukuba uSonkondlo osaphothwayo umhlaba wonke

SHEILA MHLONGO

Ngikhulele  e-Llovu, ngazalwa endaweni yaseMthwalume amabanga aphansi ngafunda Ekuphileni P. School. Ngadlulela eSiyabonga S. School. Okuyilapho ngazibona khona ukuthi nginekhono lokubhala nokuhaya izinkondlo.

Ngikhula benginamahloni bengingakwazi ukuma phambi kwabantu. Bengihlala endlini isikhathi esiningi bengihlezi ngibhala, ngempilo yami nangezinto ezenzekayo esikoleni nasemphakathini. Kwathi sihlezi  uthisha wayengekho omunye wabafundi ngoba ehlezi engibona ngibhala, wathulisa iclass wathi angiye phambili ngiyosho lento engibhalayo . Ngokulunga kwami ngamlalela ngasukuma ngaya phambili ngayisho. Angikholwanga ngibona bonke abafundi besukuma beshaya izandla bethi yaze yamnandi inkondlo yami.

Lwafika usuku ngaya emthandazweni ngayisho  kwachwaza zonke izingane esikoleni. Kusukela ngalolosuku ngaziwa isikole sonke othisha baqala bangicela ukuthi nginandise uma kukhona imicimbi esikoleni. Kwaba imina owokuqala ukuthola isitifiketi sokuba usonkondlo ohamba phambili isikole sonke. Ngajoyina umdlalo wase stage owawuphethwe uMphathi Shozi, wadlala indima enkulu ekungikhuliseni njengosonkondlo wangifaka ePlay house. Okuyilapho ngazibona khona ukuthi nginekhono futhi lokulingisa ngibe ngihaya inkondlo.  Ngangibhala nanoma ingani engibonayo nengicabangayo ngakhula nezinkondlo zami  kuthe ngo-2024 ngabhalela iGagasi FM  nge-email, ngicela ukuthi ngifake  izinkondlo emsakazweni wabo.

Indlela engibhala ngayo ihambiselana nesikhathi kanye nesikhathi esizayo. Yingakho imbongi ngibuye ngifanise nomuntu owumprofethi kwesinye isikhathi yingakho ngigcine sengifaka nomfana wami oneminyaka engu-7. Ngithanda  ukulingisa ngoba elinye ikhono elaziveza kumina, ngingazi ukuthi nginalo nokwenza umdlalo weshashalazi kakhulu. Njengamanje ngisebenza neGagasi FM kusukela ngonyaka odlule kuze  Izinkondlo zami ngizibiza ngokuthi ( New Age Poetry).

Osaziwayo engibukela kubona abasibona osonkondlo ngingabala Mr Alex Mthiyane (Gagasi FM) indlela anobuntu ngakhona. Felix Hlophe akagcini ngokuba usaziwayo noma usomahlaya kodwa uyafunda futhi uyakhula uma umlalela . WhatsApp / Call: 065 731  9689, Tiktok chrisfallen_fallen, Instagram chris_fallen Naku Facebook: Chris Fallen.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *