Kuboshwe indoda ebicekela phansi  ingqalasizinda ebalulekile kaMasipala

SHEILA MHLONGO

Amaphoyisa eThekwini Metro, ngokubambisana noPhiko Lwezimigwaqo kuMasipala, babophe indoda eficwe imba ingqalasizinda yedolobha ngendlela engekho emthethweni eduze neBriardale Road, eNewlands East, ngesikhathi kuqhutshekwa umsebenzi wokuqapha  ngomhlaka-4 Julayi 2025.

Lendoda itholakale ikhipha udonga olubamba umgwaqo (ama-G-locks) ku-C1 route ngenhloso yokudala indlela yokungena engagunyaziwe eya endaweni yayo. Ngesikhathi  iziphathimandla zomthetho zifika, umsolwa akazange akwazi ukuveza imvume noma ikhadi lomsebenzi elisemthethweni elimgunyaza ukwenza lowo msebenzi.

“Lesi senzo besingaba yingozi enkulu ezimpilweni zomphakathi, njengoba besingadala ukuwohloka kwengqalasizinda yomgwaqo futhi kube inkinga kubashayeli. Asinakuzibekezelela izenzo eziphazamisa umthetho edolobheni lethu. Abaphula umthetho baphazamisa ingqalasizinda kaMasipala bangabhekana nezijeziso ezinzima, okuhlanganisa nesigwebo sokuya ejele esingafika eminyakeni eyi-15 ngaphansi komthetho kazwelonke.” kusho uSekela Komishana Wamaphoyisa eThekwini Metro, uWinnie Zama.

Lokhu kuboshwa kulandela umbiko ovela kumhlali onakekela izindaba zomphakathi, futhi kukhombisa indlela kaMasipala engaphansi kokubekezelela ukonakaliswa kwengqalasizinda.

Esinye isehlo esifanayo senzeke ekuqaleni kwalonyaka, lapho amadoda amahlanu aboshwa e-Anton Lembede Street ngenxa yokumba ngaphandle kwemvume ngenhloso yokufaka intambo ye-fibre.

“Ukuphazamisa izimpahla zikaMasipala kudicilela phansi ukufinyelela, ukuphepha kanye nezinsiza ezisemqoka kubantu. UMasipala unxusa umphakathi ukuba ulandele izinqubo ezifanele ngaphambi kokuqala noma yimuphi umsebenzi ohlanganisa ingqalasizinda yedolobha.” kwengeza uZama.

Kukhunjuzwa umphakathi ukuthi noma yimuphi umsebenzi ohlanganisa ingqalasizinda kaMasipala udinga imvume ebhaliwe futhi kumele ulandele imithetho kamasipala kanye nezinyathelo zokuphepha.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *