ZAMA MAJOLA
UGeneral Lt Nhlanhla Mkhwanazi usezuze izinhliziyo zabantu abaningi baseNingizimu Afrika ngokuzibophezela kwakhe ngokungahlonizi kwezobulungiswa kanye nokulwa nenkohlakalo. Njengesikhulu samaphoyisa, uthole inhlonipho ezweni lonke ngokumela iqiniso, ukulwa nobugebengu, nokugcina ubuqotho bamaphoyisa. Usephenduke isibani sethemba kwabaningi. Lokhu kuza ngemuva kokuthi ebandakanye uNgqongqoshe wamaPhoyisa uSenzo Mchunu kanye nephoyisa eliphezulu uShadrack Sibiya eqenjini lobugebengu ezweni lonke.
Esithangamini nabezindaba uMkhwanazi wenze izinsolo zenkohlakalo eqhumayo ebhekiswe kwezinye zezikhulu ezinohlonze. Ukweseka izinsolo zakhe, uveze ukuthi izingcingo ezishaqiwe zinemiyalezo kaWhatsapp okuthiwa ikhombisa ukuxhumana phakathi kwelungu leqembu lobugebengu uNgqongqoshe wamaPhoyisa uSenzo Mchunu nozakwabo kangqongqoshe.
IPhini likaKhomishana wamaPhoyisa, uShadrack Sibiya, usezichithile izinsolo ezenziwa nguMkhwanazi, wathi wake wahlangana noMogotsi kodwa umhlangano wabo ubungowokubuza ngophenyo oluthile. UNgqongqoshe wamaPhoyisa uSenzo Mchunu naye uphendule wathi isithangami sabezindaba sikaMkhwanazi sibabambe ongezansi kodwa bayazazi izinsolo zakhe.
Iqembu le-ActionSA liholwa uSihlalo wabo uMnuz. Zwakele Mncwango babe neMashi ngoLwesine lomhlaka-10 Julayi lapho beseka khona uKhomishina Mkhwanazi. Umbono we-ActionSA uwukwakha iNingizimu Afrika lapho uhulumeni ephethwe kahle, izinsiza zomphakathi zisetshenziswa ngendlela efanele futhi kubhekwane nenkohlakalo, okuholela ekutheni kube nentando yeningi eqinile egxile ezidingweni zabantu. Umgomo wabo uwukuphenya kanye nokudalula ukusetshenziswa kabi kwamandla, ukusebenzelana neziphathimandla ukuze baziphendulele futhi bahlanganise umphakathi ngokuxhumana, ubuholi kanye nokumela ukuze kuqhutshwe izinguquko ezinhle.
“uMkhwanazi ukhombisile ukuthi akhona amaphoyisa aqotho, namhlanje sizothi ‘Phambili ngoMkhwanazi Phambili!”kusho uMnu. Mncwango. Bakhala ngokuthi abantu abasezikhundleni eziphezulu nabanezimali ababoshwa, amacala abo aphelela emoyeni. Babe sebeqhubeka nokuthi inhloso yabo ukuvikela izwe lonkana yingakho kubalulekile ukuthi abantu abafana noMkhwanazi bevikeleke.


