I-Transnet  isisilungisile isimo sokusebenza kwemishini ehambisa izimpahla  echwebeni laseThekwini

ZAMA MAJOLA

 AbakwaTransnet bathi sebesilungisile isimo sokusebenza kwemishini yokuhambisa izimpahla echwebeni laseThekwini,ngokusho kuka Nkumbuzi Ben Mazwi onguMphathi echwebeni laseThekwini ngesikhathi ekhuluma nabezindaba, eMtateni uthe, sebenomehluko obonakalayo ekulungiseni ukusalela emuva kwempahla echwebeni laseThekwini. Ukuminyana okukhulu kumise ukusebenza eminyakeni emibili edlule  lapho imikhumbi efinyelela ku-73 yashiywa ukuba ilinde. Ukubambezeleka kwe-Berthing kwathatha cishe izinsuku eziyi-18. Imbangela yale nkinga ukwephuka kanye nokushoda kwemishini. AbakwaTransnet bathi lokhu kuphazamiseka kuholele ekulahlekeni kwezimali okukhulu okwabeka engcupheni ezohwebo nokuzinza komnotho. 

Baqinisekisile ukuthi ukusebenza sekungcono ngenxa yokuthengwa kwama-cranes amasha, ama-tugs  kanye nama-straddle carriers angu-20 we-Pier 2.  Imenenja yechweba laseThekwini uNkumbuzi Ben-Mazwi uhole ukuvakasha kwabezindaba kulesi sikhungo ngoLwesibili lomhlaka-15 kuJulayi. "Kukude lapho sifuna leli chweba liye khona, okubalulekile ukuthi sinendlela enhle nendlela yokwenza kangcono mayelana nokubambezeleka olwandle, ngokushintsha imikhumbi, amahora okusebenza komkhumbi, nazo zonke lezo zinkinga" kusho uBen-Mazwi. Uphinde waqinisekisa ukuthi emva kwemizamo abayenzile konke sekuhamba kahle futhi kusazoqhubeka kuhambe kahle.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *