SHEILA MHLONGO
Ngiyiciko ngicula uMaskandi Lo ojulile umculo wami yilona oxube ingoma yaseMakhaya yokusina, kodwa ngithathe ingoma yaseMakhaya ngayifaka izinsimbi phecelezi ama( instrumentals) njengabafana baseMawosi, nginamacwecwe phecelezi (album) amathathu. Engifisa ukukwenza kulonyaka ka-2025 ukukhuthaza intsha nokuveza makhono njengoba sesikhulile kumele sikudlulisele ezinganeni ezisakhula konke esaphiwakhona nguMvelinqangi, ngicela noMasipala esibakhele bafake isandla ukuze kuzofezeka iphupho lami lokusiza nokukhuphula intsha kwezobuciko.
Ngizobuyela eStudio kulenyanga ka- July ,ngiyokwenza i EP ngoba akusafani nakudala labesiqopha I-album yezingoma eziyishumi ngoba besisakwazi ukuthengisa umculo wethu bukhoma ngama CD kodwa manje awasasetshenziswa kangako, yonke into isisebenza digitally .
Umculi engifisa ukusebenza naye ngelinye ilanga uBAHUBHE ibhenanyawo. Nguyena impela engifisa sihlanganise loshuni wami nowakhe ngoba awuhlukene kakhulu. Isifundo engisifunde kulonyaka odlule ukuthi kumele ubekezele kulomculo futhi ungabi nenhliziyo encane uma ezinye izinsizwa zikuncofa kulomculo wo Maskandi ngoba uzogcina usucula ingoma enenhlamba nengakhi isizwe, ngoba uzogcina ugijimisana nokuncofana nabaculi uze ulahlekelwe ushuni wakho.
Okungalindelwa abalandeli kulonyaka ile -EP engizoyenza kulenyanga ezayo ka-July kanye nokuthi abalandeli bami sebezothola izingoma zami kuzozonke izitolo zomculo online stores.
WhatsApp / Call: 073 447 4241 nalabo abafisa ukuthenga ama-cd bengakhululeka akhona ayatholakala.

