ZAMA MAJOLA
Ngifisa ukusabalalisa umculo wami ufinyelele nakwezinye izifundazwe njengoba ugcwele nasesifundazweni iKwaZulu Natal. Kungekudala ngizokwethula umsebenzi wami omusha okuyi Album entsha bese ngimema ozakwethu ababili bakolunye uhlobo lomculo kodwa amagama abo ngisawagodlile.
Isifundo engisifundile ezikhathini ezedlule ukuthi uma ukhiphe umsebenzi ungahlali nawo kodwa kumele uwelekelele ngokuwusa kubantu. Abalandeli bami bengalindela i-Album yami entsha ezoshisa izikhotha, iNdoniSaliwa Music Festival kanye namaTour esiwenzayo nozakwethu ukusabalalisa umculo wethu zonke izindawo.
Umculo wami uyatholakala kuzona zonke izitolo ezifanele ezithengisa umculo online. For bookings and more information contact no: 078 730 7640 kanti ngiyatholakala nakuTiktok ku “Saliwa weMpangeni”.

