SHEILA MHLONGO
Undunankulu wakwaZulu- Natal uMhlonishwa uThami Ntuli noNgqongqoshe weZemidlalo uBuciko Namasiko kwaZulu-Natali uMnu. Mntomuhle Khawula bebehambele idolobha laseDundee eliqhamuke ngemibalabala, isigqi, kanye nenjabulo njengoba behlangene nezakhamuzi kanye nezihambeli zombukiso wasemgwaqweni obumangalisa okubalwa ngokusemthethweni kwe-20th Annual Dundee July Traditional Horse Racing and Lifestyle Festival.
I-Dundee July isikhule yaba umcimbi ohamba phambili ohlanganisa ezemidlalo, ubuciko, imfashini, namagugu esintu, edonsa izinkulungwane zezibukeli, ekhuthaza umnotho wendawo, futhi inikeza inkundla yabasunguli abasafufusa nosomabhizinisi. Yindawo lapho isiko lihlangana khona nokunyakaza kwesimanje umbukiso wangempela wokunotha nokwehlukahlukana kwesifundazwe.

