ZAMA MAJOLA
UMengameli Cyril Ramaphosa wenze izinguquko osekunesikhathi eside zilindelwe kuNgqongqoshe Wezemfundo Ephakeme kanye Nokuqeqeshwa. Ihhovisi likaMengameli limemezele uMnu. Buti Kgwaridi Manamela njengoNgqongqoshe wezeMfundo ePhakeme Nokuqeqesha, nokusho ushintsho olukhulu ebuholini eMnyangweni. UManamela useke waba yiPhini likaNgqongqoshe wezeMfundo ePhakeme noQeqesho manje usengena esikhundleni esiphezulu.
Esitatimendeni esikhishelwe abezindaba mhla zingu-21 Julayi sithe, okhulumela iHhovisi likaMengameli uVincent Magwenya uthe, lokhu kuqokwa kukaNgqongqoshe kwenziwa ngokweSigaba 9 (12) somthethosisekelo. “UMnu. Manamela ukhombise ubuholi obungaguquki nolwazi lwesikhungo njengoba esesebenze iminyaka eminingi kulesi sikhundla. Ukuqokwa kwakhe kuqinisekisa ukuqhubeka nokugxila ekuthuthukiseni imfundo esezingeni eliphezulu.” kusho uMagwenya.
UManamela ungene esikhundleni sikaDkt. Nobuhle Nkabane osengundabuzekwayo, okumanje uphenywa oklebe ngemuva kwesikhalazo esisemthethweni esenziwa iDemocratic Alliance (DA) ngaye. Okhulumela oKlebe, uColonel Katlego Mogale ukuqinisekisile ukuthi likhona icala elivuliwe kodwa wabe esecacisa nokuthi kusazophenywa. “I-Directorate for Priority Crime Investigation ingakuqinisekisa ukuthi likhona icala elivuliwe ukuze liphenywe kodwa okwamanje eminye imininingwane ngeke ize idalulwe kwabezindaba.” kusho uMogale.
Kube sekuqokwa uDkt. Nomusa Dube-Ncube njengePhini LikaNgqongqoshe wezeMfundo ePhakeme noQeqesho, ngaphansi kweSigaba 93(b) soMthethosisekelo esivumela uMengameli ukuthi aqoke amasekela Ngqongqoshe afinyelela kwamabili ngaphandle kwePhalamende likazwelonke. “UDkt. Dube-Ncube ulethe inqwaba yesipiliyoni sokubusa nobuholi. Imisebenzi yakhe phambilini ihlanganisa ukuba nguNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu aphinde abe nguNdunankulu waKwaZulu-Natal.” kusho uMagwenya.


