ZAMA MAJOLA
UNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uMfundisi Thulasizwe Buthelezi ukhiphe isitatimende ngoLwesibili lomhlaka-22 Julayi uzwakalise ukukhathazeka okukhulu ngokwanda kwesibalo sokuhlaselwa nokubulawa okubhekiswe kubasebenzi bakaMasipala esifundazweni sonke.
Lezi zigameko ezishaqisayo zidweba isithombe esiphazamisayo futhi zifuna ukunakwa ngokushesha ezinhlakeni zomthetho. Lesi sitatimende sikaNgqongqoshe silandela uchungechunge lwezigameko ezibuhlungu ezenzekayo. ezihlanganisa nokubulawa kukaMnu. Khalesakhe Mchunu obengumsebenzi kuMasipala waseMsinga obulawe kabuhlungu ngoMsombuluko womhlaka-21 Julayi oFabeni eMsinga. Lesi sigameko singesinye sezimbalwa ezenzeke ezinsukwini ezingu-30 ezedlule. NgoJuni 27, uNokulunga Mashabane obeneminyaka engu-32 watholwa enenxeba lokudutshulwa KwaDukuza.
Emuva kwezinsuku ezimbalwa, ngoJulayi 3, kwashona isikhulu sikaMasipala weTheku kabuhlungu, kwalimala abanye ngesikhathi oshayasibhamu abangaziwa bevulela ngenhlamvu bebhekise emotweni yabo. “Ngikhathazeke kakhulu ngalezi zigameko, ngeshwa ziphakamisa umkhuba okhathazayo okumele ucatshangelwe.” kusho uNgqongqoshe uButhelezi. “Lokhu kuhlaselwa kwabasebenzi bakahulumeni abazinikele ekusebenzeleni imiphakathi yethu akwamukelekile futhi kubukela phansi isisekelo sombuso wendawo.”
UNgqongqoshe Buthelezi unxuse izikhungo zoMthetho ukuba zenze uphenyo olunzulu ngalawa macala anesihluku futhi kuqinisekiswe ukuthi abenzi bobubi babhekana nengalo yomthetho. “Kumele kuphenywe ngayo yonke indlela ukuze kutholakale laba benzi bobubi,” egcizelela. Ngaphezu kwalokho, uNgqongqoshe ube esenxusa omasipala ukuthi baqinise izinyathelo ezikhona ezihlose ukuvikela inhlalakahle nokuphepha kwabasebenzi babo. U-MEC udlulise amazwi enduduzo emindenini ekhahlanyezwe yilezi zenzo zodlame ezingenangqondo, waphinde wathembisa ukuthi uzokwenza konke okusemandleni ukuze kube nobulungiswa ngokushesha kwabahlukumezekile.

