SHEILA MHLONGO
Usuku lomhlaka 24 Okthoba kube ilanga elibalulekile kakhulu emphakathini wasendaweni yase Danganya eMgababa eningizimu yeTheku, njengoba bekubuthene amalunga omphakathi ezobungaza usuku lomhlaba wonke lokuqeda ubuphofu nendlala (Commemoration Of International Day for The eradication of Poverty).
UNksz. Winnie Mtshali, osebenza eMnyangweni wezeMpilo KwaZulu-Natali ngaphansi koPhilo lwe- Primary Health Care ne- Food Security, utshele iphephandaba iKZN Namuhla, ukuthi inhloso yalomcimbi bekuwukuqwashisa nokufundisa umphakathi ngokubaluleka kokulima izivande ukuze kuqedwe inhlupheko futhi udle ukudla okunempilo ozilimela wona ezivandeni. Kulomcimbi bekubuthene abesifazane abangabalimi bezivande, abaphathi bezinkulisa kanye neNduna yendawo, uMnu Mthembu okunguye ovule umcimbi wakhuthaza isizwe ukuthi silime izivande ukuze kuqedwe indlala.Khona manjalo kufundiswe abesifazane ngezindlela ezifanele zokulima baphinde bamukeliswa izimbewu.

