ZAMA MAJOLA
Injabulo ibibhalwe emehlweni emindenini nabangani bebuthene ukuzozibonela umzuzu wenguquko, ngesikhathi intsha engu-45 ithweswa iziqu ku-Apprenticeship Programme kaMasipala weTheku. Abaningi balaba abathweswa iziqu sebeqashiwe emisebenzini yamakhono. USiwe Thusi waseMlazi udlulise ukuthi lolu hlelo lube wusizo olukhulu empilweni yakhe. Emuva kweminyaka engasebenzi, wasebenzisa ithuba alinikezwa i-EThekwini Municipal Academy (EMA) kwezohwebo lweMechanical Fitting. Namuhla, uqashwe njengeMechanical Fitter e-All About Engineering Services Company. “Lolu hlelo alugcinanga ngokunginika amakhono kodwa lungiguqulile lwanginika nekusasa,” usho kanje. Uhlelo lweminyaka emithathu lwe-Electrical, Mechanical Fitting and Welding Apprenticeship Programme luwuhlelo lukaMasipala olwenzelwe ukulwa nokuntuleka kwemisebenzi kwentsha nokuvala igebe lamakhono.
Ihlomisa ababambiqhaza ngamakhono ezobuchwepheshe ahlobene nemboni, ibalungiselela imisebenzi esimeme emikhakheni edingeka kakhulu. Iningi labafundi abangu-45 bathole imisebenzi, okukhombisa ukuthi ukutshalwa kwezimali ekuthuthukisweni kwentsha kungaletha imiphumela ebonakalayo nehlala njalo. Umphathi we-EMA Project, uZimele Cele, uncome abafundi abathweswe iziqu futhi wagqamisa nomthelela obanzi walolu hlelo. “Ngokuthuthukiswa kwamakhono, uMasipala ubhekana nezinselelo zokuntuleka kwemisebenzi, ukungalingani kanye nezinselelo zenhlalo-mnotho. Lolu hlelo luyisisekelo sesu lethu lokudala amathuba omnotho esimeme weDolobha,” esho. Ubuye wengeza ngokuthi lolu hlelo lukhombisa ukuzibophezela kukaMasipala ekuthuthukiseni abantu bonke, ekuthuthukisweni kwezomnotho nokwakha idolobha eliqinile. Lo mcimbi wokuthweswa kweziqu ubuhanjelwe yizicukuthwane zezikhungo zemfundo ephakeme, abaholi bemboni, imindeni nabake bathweswa iziqu asebeqashwe ezinkampanini ezahlukene eziphambili.

