UNdunankulu Ntuli usexwayise abazali ngokwamukela imali evela kubadlwenguli

ZAMA MAJOLA

UNdunakulu waKwaZulu-Natal, uMnu. Thami Ntuli, usexwayise abazali ukuthi bangavumi ukuhlawulisa abenzi bobubi uma kukhona amacala okudlwengula. Usho lokhu ngesikhathi kwethulwa i-KZN Multisectoral Strategy to Curb Child and Teenage Pregnancies ogwini oluseNingizimu. UNtuli uthe umkhuba wesiZulu wokukhokha inhlawulo noma amademeshe emndenini wowesifazane okhulelwe ngaphandle komshado ususetshenziswa kabi.

UNdunankulu ugqamise amacala okudlwengulwa lapho amantombazane aneminyaka engaphansi kwemvume (16) ekhuleliswe. Uthe isifundazwe sisaqhubeka nokuqopha izinga eliphezulu lokukhulelwa kwamantombazane aneminyaka engu-10 kuya ku-19, okwandisa amathuba okungenwa yigciwane lengculazi nokuphazamisa ukufunda. UNtuli wengeze ngokuthi ngokwamukela inhlawulo, esikhundleni sokuthi babike amacala, abanye abazali benza kube nzima ukuthi kuboshwe abenzi bobubi.  “Sizofaka zonke izinhlaka ezithintekayo okubalwa nabefundisi ukuze nasemasontweni kube yindaba lokhu sikunqande kungakabhebhetheki kakhulu”kusho uNtuli. UNtuli uthi iKZN ngeke ikhule uma izinselelo ezinjengokukhulelwa kwezingane, ukudlengulwa negciwane lengculazi zingasukunyelwa.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *