Seziphinde zabuya izigebengu manje zibuya nemali eyi fake. Ngoba kuzophela unyaka niqaphele kakhulu nina enisebenzisa ucapitec ngoba yini eniba noline abade kakhulu. Uzothi umile kuline kufike ubhuti omuhle ofana nami egqoke kahle akubuze ukuthi uzokhipha imali uthi yebo athi yena uzo deposit, ebese ethi uzokhipha malini uthi wena R1000, bese ethi ucela mawune app utransfer kuye lelo-R1000 yena uzokunika ucash engaze akunike ngisho R1200 wefake usekushayile.
Abasebenzisa uNedbank baqaphele kuthiwa bona kubo kuyaziwa ukuthi uNedbank ukhipha ama R10 odwa beza kuwe bakucele ubashintshele wena uthathe ehlangene bakunike oR200 bona, vele nawe uDecember ngeke ulokhu ufuna ukusindwa uR2000 wo R10 ncono uthathe wona lowo R200 sebekushayile.
Bantu abasebenza ezitolo nasemagarage kuthiwa bafika bezokhokha sebephuthuma noshintshi abawufuni. Noma uzihambela nje edolobheni mawuhlangana nomuntu ekucela ushintshi ungaphenduli ngisho ukuphendula ngoba basebenzisa nomuthi benjalo.

