
UKholoneli TG Sithole wamaphoyisa aseNingizimu Afrika (SAPS), odutshulwe wabulawa ngesikhathi ejaha abasolwa ngokubamba inkunzi behlomile eGreytown, ngoLwesine lwangesonto eledlule.
SHEILA MHLONGO
UNdunankulu waKwaZulu-Natali, uMnuz Thamsanqa Ntuli, udlulise amazwi enduduzo ngokudlula emhlabeni kukaKholoneli TG Sithole wamaphoyisa aseNingizimu Afrika (SAPS), odutshulwe wabulawa ngesikhathi ejaha abasolwa ngokubamba inkunzi behlomile eGreytown, ngoLwesine lwangesonto eledlule.
UNtuli uncome isibindi nokuzinikela kukaKholoneli Sithole ekulweni nobugebengu, wathi ukushona kwakhe kuwukulahlekelwa okukhulu emaphoyiseni nasemiphakathini abeyisebenzela.
Ngokombiko wokuqala wamaphoyisa, uKholoneli Sithole nozakwabo, uSayitsheni Gumede, bobabili abasebenza esiteshini samaphoyisa saseGreytown, babejaha abasolwa abalinganiselwa kwabayishumi, okusolwa ukuthi babebambe inkunzi esitolo iLucky Supermarket, esisenkabeni yedolobha laseGreytown.
Ngesikhathi amaphoyisa ejaha laba basolwa, kuqubuke ukudubulana kuDundee Road, nokuholele ekutheni womabili amaphoyisa alimale.
UKholoneli Sithole ugcine eshonile ngenxa yamanxeba okudutshulwa, kanti uSayitsheni Gumede yena ulimele.
Kulokhu kudubulana kuphinde kwashona abasolwa ababili, kwathi omunye walimala.
Abanye abasolwa babaleke ngemva kokushiya imoto yohlobo lweToyota Quantum endaweni yaseMpanza, bangena emahlathini aseduze.
UNtuli uncoma isibindi sephoyisa elishonile
UNdunankulu udlulise amazwi enduduzo emndenini kaKholoneli Sithole, kubangani bakhe nakulabo abesebenza nabo, ikakhulukazi ithimba lamaphoyisa aseGreytown.
Uphinde wafisela uSayitsheni Gumede ukululama ngokushesha.
“UKholoneli Sithole ukhombise isibindi esikhulu ngesikhathi ebhekana nezigebengu ezihlomile, ezama ukuvikela imiphakathi yethu. Siyasincoma isibindi sakhe, ukuzinikela kwakhe kanye nokuzimisela kwakhe ekulweni nobugebengu. Ukudlula kwakhe emhlabeni kuwukulahlekelwa okukhulu emaphoyiseni nasemiphakathini abeyisebenzela,” kusho uNtuli.
UNdunankulu uthe kubalulekile ukuthi umphakathi uqaphele futhi uhloniphe ukuzidela kwamaphoyisa aqhubeka nokubeka izimpilo zawo engcupheni ukuze avikele izakhamuzi.
“Kufanele sikuqaphele ukuzidela kwamaphoyisa ethu aqhubeka nokubhekana nezigebengu eziyingozi emizamweni yawo yokugcina abantu bakithi bephephile. Sidlulisa amazwi enduduzo ajulile emndenini wakhe nakulabo abesebenza nabo kulesi sikhathi esinzima,” kusho uNtuli.
Kunxuswa umphakathi ukuba usize ekuthungatheni abasolwa
UNdunankulu unxuse izakhamuzi zaseGreytown nezindawo ezizungezile ukuba zibambisane namaphoyisa ngokunikeza ulwazi olungaholela ekuboshweni kwabasolwa abasagcwele amathafa.
Uthe noma ngubani owabona isigameko, owabona abasolwa bebaleka noma onolwazi ngokuthi bangase bacashe kuphi, kufanele axhumane namaphoyisa ngokushesha.
“Sinxusa noma ngubani owabona lesi sigameko, owabona abasolwa bebaleka noma onolwazi ngokuthi bakuphi, ukuba azise amaphoyisa ngokushesha. Ngeke sivumele izigebengu ukuthi ziqhubeke nokwesabisa imiphakathi yethu bese zibalekela ukubhekana nengalo yomthetho,” kusho uNtuli.
Ugcizelele ukuthi ukubambisana phakathi kwamaphoyisa nomphakathi kubaluleke kakhulu ekulweni nobugebengu.
“Ukubambisana komphakathi kubalulekile ekulweni nobugebengu. Sinxusa izakhamuzi ukuba zeseke izinhlaka zomthetho ngokwabelana ngolwazi olungasiza ekutheni laba basolwa baboshwe futhi bamiswe phambi kwezinkantolo,” kusho yena.
Amaphoyisa anonogada abazimele banconyiwe
UNtuli uphinde wancoma amaphoyisa kanye nabasebenzi bezinkampani zonogada abazimele abasabele kulesi sigameko.
Ucele ukuba kuqiniswe imizamo yokuthungatha nokubopha bonke abasolwa abasagcwele amathafa.
Umphakathi onolwazi olungasiza amaphoyisa uyacelwa ukuba uxhumane nesiteshi samaphoyisa esiseduze noma ushayele inombolo yamaphoyisa yokubika ubugebengu iCrime Stop.
INOMBOLO YOKUBIKA UBUGEBENGU
08600 10111
Umphakathi uxwayiswa ukuba ungazami ukusondela noma ukubhekana ngqo nabasolwa, njengoba bengase babe yingozi.
UNdunankulu uphinde waqinisekisa ukuzibophezela kukaHulumeni waKwaZulu-Natali ekuqhubekeni nokweseka izinhlaka zomthetho ekulweni nobugebengu nasekuqiniseni ukuphepha kwemiphakathi kuzo zonke izindawo zesifundazwe.
Umthombo: SAnews.gov.za

