
ESITHOMBENI- USomlomo wesiShayamthetho saKwaZulu-Natal, uNontembeko Boyce
USomlomo wesiShayamthetho saKwaZulu-Natal, uNontembeko Boyce, usenxuse abesifazane bakulesi sifundazwe ukuba baphakamise amazwi abo, bafune ukwandiswa kwesibalo sabesifazane abasezikhundleni ezibalulekile zobuholi kohulumeni basekhaya, njengoba amaqembu ezepolitiki elungiselela uKhetho Lohulumeni Basekhaya oluzoba mhla zizi-4 kuLwezi 2026.
UBoyce ubekhuluma nabesifazane abavela kuzo zonke izingxenye zaKwaZulu-Natal, abebebuthene eXobho ePhalamende Labesifazane lesifundazwe elibanjwa minyaka yonke.
Lo mbuthano ubungaphansi kwesiqubulo esithi: “Ukuhlonipha ifa lethu, sihlomise ikusasa lethu: Abesifazane behola ukulingana, ubulungiswa kanye nokukhula okubandakanya wonke umuntu.”
USomlomo uyivumile inqubekelaphambili eseyenziwe yiNingizimu Afrika ekulungiseni ukungalingani ngokobulili, kodwa wagcizelela ukuthi usemningi umsebenzi okusamele wenziwe.
“Ukumelwa kwabesifazane ezikhundleni ezibalulekile kohulumeni basekhaya kwehlile. Nginxusa nina zihambeli ukuba nilwele ukumelwa kwabesifazane ezikhundleni ezisemqoka kohulumeni basekhaya,” kusho uBoyce.
“Kuyiqiniso ukuthi iningi labantu ababamba iqhaza okhethweni ngabesifazane. Ngisho nasemaqenjini ezepolitiki, iningi lamalungu ngabesifazane,” kuqhuba yena.
Kwehlile ukumelwa kwabesifazane
IKhomishini Yezokulingana Ngokobulili, iCommission for Gender Equality (CGE), isanda kubika ukuthi ukumelwa kwabesifazane kohulumeni basekhaya kwehle kusuka ku-41% ngo-2016, kwafinyelela ku-37% ngo-2021. Lokhu kubuyisele emuva inqubekelaphambili eyayisizuziwe.
I-CGE iphakamise ukuba kuchitshiyelwe imithetho yokhetho, kuqiniswe ukuphendula kwamaqembu ezepolitiki ngezinqumo zawo, kuphinde kwandiswe ukwesekwa okunikezwa abesifazane ababamba iqhaza kwezepolitiki.
Isicelo sikaBoyce sifika ngesikhathi amaqembu ezepolitiki ephothula ukuhlanganisa uhlu lwabazowamela okhethweni. Lolu hlu lubandakanya namagama abantu abafisa ukuqokwa njengeziMeya.
Uhulumeni uthi uzibophezele ekuthuthukiseni abesifazane
UMkhandlu oPhethe esiFundazweni, oholwa nguNdunankulu waKwaZulu-Natal, uThami Ntuli, nawo ubuyingxenye yalo mhlangano.
Lo Mkhandlu wethule umbiko ngenqubekelaphambili eseyenziwe ekusebenziseni izinqumo ezathathwa ePhalamende Labesifazane langonyaka odlule.
UNtuli uthe uhulumeni wesifundazwe uzibophezele ekufakeni abesifazane ezikhundleni eziphezulu, futhi unohlelo olucacile lokufeza lokhu.
“Izolo simemezele ukuqokwa kukaDkt Fikile Qwabe njengeNhloko yoMnyango omusha eMnyangweni wezoLimo nokuThuthukiswa kweziNdawo zaseMakhaya. UNkk Nokuthula Khanyile naye usanda kuqokwa njengoMqondisi-Jikelele wesifundazwe. Lokhu kukhombisa ukuzibophezela kwethu kwangempela kulolu daba,” kusho uNtuli.
Isicelo sikaBoyce sigcizelela ukuthi nakuba abesifazane beyiningi kubavoti nasemalungwini amaqembu ezepolitiki, kusadingeka kwenziwe okwengeziwe ukuze lelo nani libonakale nasezikhundleni ezibalulekile zokuthatha izinqumo.
Umbuzo kubafundi: Ingabe amaqembu ezepolitiki enza okwanele ukuqinisekisa ukuthi abesifazane bathola amathuba alinganayo okuba iziMeya, amaPhini eziMeya, oSomlomo kanye noSotswebhu komasipala?
Ikhishwe yiHhovisi Lezokuxhumana lesiShayamthetho saKwaZulu-Natal.

