Kwethulwe ngokusemthethweni iSonto Likazwelonke Lezincwadi Zefa eMpumalanga

UNgqongqoshe Wezobulungiswa Nokuthuthukiswa Komthethosisekelo, uMmamoloko Kubayi, uvule ngokusemthethweni iSonto Likazwelonke Lezincwadi Zefa eBushbuckridge, eMpumalanga.

SHEILA MHLONGO

UNgqongqoshe Wezobulungiswa Nokuthuthukiswa Komthethosisekelo, uMmamoloko Kubayi, uvule ngokusemthethweni iSonto Likazwelonke Lezincwadi Zefa eBushbuckridge, eMpumalanga.

ISonto Likazwelonke Lezincwadi Zefa ligujwa minyaka yonke ngoSepthemba. Inhloso yalo ukunikeza umphakathi ulwazi ngokubaluleka kokuba nencwadi yefa esemthethweni, kanye nokusiza abantu ukuba bazibhalele yona.

Lo mkhankaso uphinde uqwashise umphakathi ngezinsiza zezomthetho ezitholakalayo futhi ukhuthaze abantu ukuba bathole usizo kubameli.

“ISonto Lezincwadi Zefa liqala kuleli sonto. Lokhu kusho ukuthi wonke umuntu waseNingizimu Afrika angaya emahhovisi ethu, emahhovisi abameli ababambe iqhaza kanye nasezinkampanini ezihlinzeka ngalolu sizo, ukuze asizwe ekubhaleni incwadi yakhe yefa,” kusho uKubayi.

UNgqongqoshe uthe kunomuntu owake wambuza ukuthi kungani kufanele abe nencwadi yefa uma enendlu yomxhaso i-RDP kuphela.

“Kubaluleke kakhulu ngoba uma usudlulile emhlabeni, ezinye izihlobo zingafika zikhiphe izingane zakho endlini.

“Ngisho nathi njengezisebenzi zikahulumeni kufanele sibe nezincwadi zefa. Lokhu kungabasiza nalabo abahlala emishadweni yesithembu. Uma uyindoda enamakhosikazi amaningi, kufanele uchaze ngokucacile ukuthi azonakekelwa kanjani uma usudlulile emhlabeni.

“Ngakho-ke wonke umuntu kufanele abe nencwadi yefa ukuze kuthi uma esedlulile emhlabeni, izingane zakhe kanye nabanye abantu abashiya ngemuva bakwazi ukuzuza efeni lakhe,” kusho uNgqongqoshe.

UKubayi ukuvumile ukuthi kwamanye amasiko ukukhuluma ngokufa kuyinto engagculisi noma ethathwa njengehlazo.

“Ngiyazi ukuthi emasikweni ethu ukukhuluma ngokufa kuyinto enzima. Kodwa sesizibonile izinkinga abantu ababhekana nazo, ngakho sekuyisikhathi sokuba sikhulume ngalolu daba.

“Vikela abantu obathandayo usaphila. Vikela izingane zakho usaphila,” kugcizelela uKubayi.

Ngokusho koMnyango Wezobulungiswa Nokuthuthukiswa Komthethosisekelo, lolu hlelo luyingxenye yemizamo kahulumeni yokwenza kube lula ukuthi wonke umuntu athole usizo lwezomthetho, ikakhulukazi imiphakathi engase ingakwazi ukukhokhela abameli abazimele.

Luphinde luqwashise umphakathi ngomsebenzi owenziwa yiHhovisi likaMaster weNkantolo Ephakeme ekuphathweni kwamafa abantu asebedlulile emhlabeni.

“Kuzovulwa izindawo zokuhlinzeka umphakathi ngosizo emahhovisi kaMaster weNkantolo Ephakeme kuzo zonke izifundazwe. Lezi zindawo zizosekelwa ngabameli kanye nabanye ochwepheshe bezomthetho abazimele.

“Amalungu omphakathi azothola usizo lwamahhala lokubhala izincwadi zefa. Lokhu kuzosiza ekuqinisekiseni ukuthi amafa awo aphathwa futhi abiwe ngendlela ehambisana nezifiso zawo uma esedlulile emhlabeni,” kusho uMnyango esitatimendeni.

SAnews.gov.za

SHEILA MHLONGO
Author: SHEILA MHLONGO

Joyina Umndeni Wethu

We don’t spam! Read our privacy policy for more info.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *