LPFF iqhube umkhankaso wolwazi lwezomthetho kubantu basendaweni yas’Olundi

SHEILA MHLONGO

I-Legal Practitioners Fidelity Fund (LPFF), ngaphansi  kobuholi buka-CEO uMotlatsi Molefe, ibambe umkhankaso wokufinyelela emphakathini endaweni yas’Olundi Multi-purpose Centre ngoMsombuluko, womhlaka-17 Novemba 2025. Lolu hlelo luwumzamo oqhubekayo wenhlangano wokwazisa umphakathi ngamalungelo awo, ukuqinisa ukwethenjwa ohlelweni lwezomthetho nokuveza ulwazi  ngezindlela zokuzivikela uma kukhona ukungaziphathi kahle kwabameli.

Umphakathi ufundiswe ukuthi i-LPFF ivikela kanjani izakhamuzi ekwebiweni kwemali noma kwefa kubmeli abangathembekile, indlela yokubona ukungaziphathi kahle, kanye nokuthi bangafaka kanjani izicelo zokubuyiselwa imali. “Ukwethembeka emphakathini kwakhiwa ngezingxoxo eziqotho,” kusho uSimthandile Myemane, uMphathi Wezokweseka  Kwabameli e-LPFF. “Ukufinyelela emphakathini kubalulekile ngoba kusiza abantu baqonde amalungelo.” Lolu hlelo lufika ngesikhathi lapho kusukela ngo-2018, abameli ababalelwa ku-57 bekhishelwe  ngaphandle ngenxa yokungaziphathi kahle, abanye kubikwa ukuthi bantshontha  imali ephakathi kuka-R1.5 million no-R5 million kumakhasimende abo. Lokhu sekonakalisile ukwethenjwa komphakathi, okwenze i-LPFF yaphendula ngokuqinisa ukufundisa, ukubonakala nokuletha ulwazi ezingeni lomphakathi.

Lomkhankaso obuqhubeka endaweni yas’Olundi uyingxenye yezinhlelo eziqhubekayo ze-LPFF zokwakha umphakathi owazi izimiso zomthetho, oqondayo amalungelo awo futhi owazi nezindlela zokufuna ubulungiswa uma sekudingeka.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *