ZAMA MAJOLA
Indlela ehlukene yokunqanda ukukhwabanisa nenkohlakalo nokudala ukubusa okuhlanzekile nokucabangelayo ibalulekile ekunqobeni impi yokulwa nemikhuba engalungile. Lona bekuwumyalezo omqoka kwiSemina Yokulwa Nokukhwabanisa Nenkohlakalo esanda kuba seNkosi Albert Luthuli International Convention Centre.
Isemina iyingxenye yemizamo kamasipala eqhubekayo yokuqinisa amasu okuvikela, nokuvala izintuba ezixhashazwa abantu abangenasimilo. IMeya yeTheku, uKhansela Cyril Xaba, ithe inkohlakalo iseyinselelo enkulu ebhekene nohulumeni basekhaya, ephuca imiphakathi izinsiza ezibalulekile futhi ibukela phansi ukulethwa kwezidingo. Uncome i-City Integrity and Investigations Directorate ngemizamo yayo yokuqinisa ukulawula kwangaphakathi nokugqugquzela ukuziphatha okuhle. “Kumele kusetshenziswe izicelo zomphakathi ukuze kubuyiswe imali elingana nobugebengu obenziwe. Kumele siqinise ukusebenzisana phakathi kukahulumeni, izinhlangano zomphakathi, izinhlaka zomthetho kanye nezinhlaka zochwepheshe,” kusho uXaba.
UXaba uphinde wagqamisa indima ekhulayo yobuhlakani bokwenziwa, i-data analytics, kanye namathuluzi okuqapha edijithali ekutholeni izinto ezingahambi kahle kusenesikhathi kanye nokuthuthukisa obala. Ukuxhumana nomphakathi, wengeza, kubalulekile ukuze kufundiswe izakhamuzi ngomthelela omubi wokukhwabanisa nenkohlakalo. U-Advocate Bulelwa Vimbani-Shuma ovela ophikweni lwe-Specialized Commercial Crime lweNational Prosecuting Authority ugcizelele ukubaluleka kwezinhlelo eziqinile zokuvikela ababi. “Ukufundisa umphakathi okuqhubekayo kubalulekile ukuze kuqondwe imiphumela yokukhwabanisa nenkohlakalo, njengoba kuphazamisa ukulethwa kwezidingo kubantu,” usho kanje. UJimmy Ngcobo, onguMqondisi wophiko lweCity Integrity and Investigations Directorate, uphinde waqinisekisa indlela yedolobha yokungabekezeleli lutho. “Sihlangana nyanga zonke ukubheka inqubekelaphambili yezokushushiswa. Ngeke sikwazi ukuvumela izigebengu zingcolise igama likaMasipala,” kusho uNgcobo. Abahlali bayanxuswa ukuthi babike noma yiluphi uhlobo lokukhwabanisa noma inkohlakalo kuMasipala ku-0800 202 020, 031 311 4002, noma bathumele i-email ku-ombuds@durban.gov.za

