THOBILE MBATHA
Umphakathi waziswa ukuthi usungakwazi ukulanda imishanguzo ye-HIV emaPosini aseduze nabo. Ngokwesitatimende esithunyelelwe kwabezindaba sithe, ihhovisi lePosi laseNingizimu Afrika (SAPO) ligqugquzele umphakathi ukuthi usebenzise indlelaelula kwabasondelene nePosi.
Okunye banxusa abaphila nezifo ezingomahlala khona ukuthi bengakhathazeki kufanele basebenzise iPosi ukuze bathole imithi yezifo ezingalapheki emagatsheni abo. “Lokhu kuqondiswe ezigulini ezihlala noma ezisebenza eduze neposi uthole ukuthi uMtholampilo kaHulumeni ukude nabo. Kuphinde kwakhunjuzwa umphakathi ukuthi amagatsha ePosi avulwa ekuseni kuze kushaye u-5 ntambama phakathi nesonto ngoMgqibelo kuze kuyoshaya u-12:30”. Kusho iPosi.
Abalelwaku-342 amaposi azotholakala kuzo zonke iziFundazwe ngaphandle kwaseWesternCape. Lamaposi aqokwe ngoba ahambisana nezidingo zoMnyango wezeMpilo, iSapo ithe imithi edinga ukugcinwa endaweni ekhethekile njengesiqandisi ayikwazi ukulandwa kwelinye lamagatsha abo.
“Iziguli ezingathanda ukuyolanda imithi yazo ePosini lasendaweni kufanele zikuhlele noMtholampilo ukuthi usengakwazi ukuya eposini. Okunye bathumela umyalezo(i-SMS) uma imithi isikulungele ukulandwa ,babekelwe izinsuku eziwu-14 zokulanda imithi ngaphambi kokuba i buyiselwe eMnyangweni wezeMpilo. Kuphetha i-Sapo.