
SHEILA MHLONGPO
UNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu, uVelenkosini Hlabisa, unxuse bonke abantu baseNingizimu Afrika abafanele ukuvota ukuba bavote oKhethweni Lohulumeni Basekhaya oluzayo. Uphinde wanxusa abavoti ukuba baqinisekise ukuthi lolu khetho luba nokuthula, luthembeke, lukhululeke futhi lube nobulungiswa.
“UNgqongqoshe uHlabisa unxusa bonke abantu baseNingizimu Afrika ukuba baqinisekise ukuthi ukhetho lomasipala luba nokuthula, luthembeke, lukhululeke futhi lube nobulungiswa. UNgqongqoshe unxuse bonke abantu baseNingizimu Afrika, ikakhulukazi abesifazane, intsha, abantu abaphila nokukhubazeka kanye nabantu abahlala ezindaweni zasemakhaya ngaphansi kweziphathimandla zendabuko ezahlukene, ukuba baphume bayovota ukuze baqinise intando yeningi okhethweni oluzoba mhla zizi-04 Novemba 2026,” kusho uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (CoGTA).
Lokhu kulandela ukuthi uNgqongqoshe uHlabisa amemezele ngokusemthethweni usuku lokhetho lomasipala kuSomqulu kaHulumeni ongunombolo 55162 ngoLwesihlanu lomhlaka 7 Agasti 2026.
“UNgqongqoshe we-CoGTA unesibopho, ngokwesigaba se-159 soMthethosisekelo sifundwa kanye noMthetho Wezinhlaka Zomasipala, wokuqinisekisa ukuthi ekupheleni kwesikhathi seminyaka emihlanu sohulumeni basekhaya, ukhetho lubanjwa zingakapheli izinsuku ezingama-90. Ukumenyezelwa ngokusemthethweni kosuku lokhetho kusho ukuthi i-IEC izovala uhlu lwabavoti futhi nokubhalisela ukuvota kuzophela njengoba usuku lokhetho selusondela,” kusho uMnyango.
UNgqongqoshe ubonge izakhamuzi eziqinisekise ukuthi zibhalisele ukuvota nokuthi amagama azo ayavela ohlwini lwabavoti, kulandela umkhankaso wokubhalisa obuholwa yiKhomishini Yokhetho.
Ukubhalisela ukuvota nge-inthanethi kanye nokuvuselelwa kwemininingwane yabavoti okhethweni oluzayo kuvalwe phakathi kwamabili ngoLwesihlanu.
“Ngemuva kokumenyezelwa ngokusemthethweni kosuku lokhetho nokuvalwa kohlu lwabavoti, i-IEC, phakathi naso sonke isikhathi sokhetho, izohlinzeka ngemibiko yakamuva mayelana nezinqubo kuze kufike usuku lokhetho. Njengoba ukumenyezelwa kosuku kuphawula ukuqala kwesikhathi sokhetho, manje sonke sesibheke osukwini lokuvota,” kusho uMnyango.
USomqulu kaHulumeni ungatholakala lapha: https://www.cogta.gov.za/index.php/2026/08/07/45019/
Esithangamini nabezindaba ngoLwesihlanu, iKhomishini Yokhetho yamukele ukumenyezelwa komhla zizi-04 kuLwezi 2026 njengosuku lokhetho. IKhomishini iphinde yamemezela ukushicilelwa kohlelo lwezikhathi zokhetho.
Lolu hlelo lwezikhathi lusebenza njengohlaka oluqondisa amalungiselelo ahlukahlukene. Lokhu kubandakanya ukuphothulwa nokuqinisekiswa kohlu lwabavoti balolu khetho, ukuqokwa kwabazongenela ukhetho, ukufakwa kwezikhalazo, amalungiselelo okuvota, amavoti akhethekile kanye nokumenyezelwa kwemiphumela.
– SAnews.gov.za

