ITheku liphezu kokulwa nenkinga yamanzi kanye nokucisha kukagesi. lokhu kuza emva kokuthi amakhulu ezinkulungwane zezakhamizi zaKwaZulu-Natali bengenawo amanzi njengoba izinjini ezisebenza ngogesi zingakwazi ukudonsa amanzi ngenxa yokucisha ugesi.
Lokhu kuvele kwesinye sesiteshi sezindaba ukuthi, uphiko lukahulumeni lwamanzi uMngeni water lumemezele ukuthi ukucishwa kukagesi kuphazamisa ukuhlinzekwa kwamanzi okuphuza komasipala abasendaweni yokusebenzela uMngeni water.
Lolu phiko luthe amakhulu ezinkulungwane zabasebenzisi bomasipala baseMgungundlovu, Msunduzi, ILembe, Ugu, harry gwala, King Cetshwayo kanye nomasipala weTheku abakwazanga ukuthola amanzi okuphuza ngesikhathi kucishwa ugesi nangemuva kwawo.
lokhu kuza njengoba izwe liqhubeka nokubhekana nenkinga enkulu kagesi eminyakeni edlule njengoba ugesi unqanyulwa kaningi usuku ngalunye. ohlelweni lwemgeni system, okuyisistimu enkulu kunazo zonke KwaZulu-Natali, izindawo ezikhahlamezeke kakhulu ngenxa yokuphazamiseka kokuphakelwa kukagesi yivulindlela, mpophomeni kanye neHilton, zonke ezisezingeni eliphezulu futhi ezincike e-Howick West Weservoir ukuze kudluliswe amanzi aphuzwayo. Ngohlelo lokumpompa.
ezinye izindawo ezingawatholi amanzi ngesikhathi sokucishwa kukagesi ikwahaza, kwachief nasemashingini, kusho umngeni esitatimendeni.