I-IEC IMEMEZELE  UKHETHO LOHULUMENI BASEKHAYA LWANGO-2026  OLUKHULULEKILE FUTHI OLUNOBULUNGISWA

ESITHOMBENI: Kungesikhathi kumenyezelwa imphumelo yokhetho loHulumeni baseKhaya luka 2026

IKhomishini Yokhetho Ezimele yaseNingizimu Afrika (IEC) isimemezele ukuthi ukhetho loHulumeni Basekhaya lwango-2026 belukhululekile futhi lunobulungiswa, njengoba izinga labavoti abaphumelele ukuyovota ezweni lonke lifinyelele ku-52%, nokukhombisa ukwanda kwabantu ababambe iqhaza uma kuqhathaniswa nokhetho lwango-2021.

USihlalo we-IEC, uMosotho Moepya, umemezele lokhu ngeSonto kusihlwa ngesikhathi kwethulwa imiphumela yokugcina yokhetho eNational Results Operations Centre (ROC), eMidrand.

“Sihlangene lapha namhlanje kusihlwa hhayi nje ukuzomemezela ukuphothulwa kokhetho loHulumeni Basekhaya lwango-2026 kuphela, kodwa futhi nokuhlonipha bonke abantu baseNingizimu Afrika ababambe iqhaza ezindaweni ezahlukene zezwe lethu elihle, benza ukuba lo mcimbi ube yimpumelelo. Yonke imiphumela yemikhandlu yomasipala engama-213 isiphethwe futhi yamenyezelwa,” kusho uMoepya.

Uthe bangu-29.2 million abantu ababhalisele ukuvota okhethweni lomasipala lwango-2026, kanti cishe bangu-14.9 million abantu baseNingizimu Afrika abavotile.

“Izinga labavoti ezweni lonke lifinyelele ku-52%, okuwukwenyuka ngamaphesenti angu-6.1 uma kuqhathaniswa no-45.9% owabhalwa okhethweni loHulumeni Basekhaya lwango-2021,” kusho uMoepya.

Uthe iKhomishini iyajabula ukumemezela ukuthi ukhetho belukhululekile futhi lunobulungiswa, ngokusekelwe emiphumeleni yocwaningo olubizwa nge-Elections Satisfaction Survey 2026, oluhlolisise imibono yabavoti mayelana nokuphathwa kokhetho, ubuqotho balo kanye nokusebenza kahle kwezinhlelo zokhetho.

IMIPHUMELA YOCWANINGO NGOKWANELISEKA KWABAVOTI

Ucwaningo olwenziwe yiHuman Sciences Research Council (HSRC) luveze lokhu okulandelayo:

  • U-90% wabavoti ubheke izinqubo zokhetho njengezikhululekile, kanti u-91% uthe bezinobulungiswa.
  • U-95% wabavoti uzwakalise ukwaneliseka ngezinsiza ze-IEC, kanti u-91% uthe abalindanga emigqeni isikhathi esingaphezu kwemizuzu engama-30.
  • Ukwethenjwa kwe-IEC kusezingeni eliphezulu lika-81%, nakuba kwehlile kusuka ku-93% ngo-2016.
  • Kusenezinkinga ezidinga ukunakwa, okubalwa kuzo ukusatshiswa kwabavoti, ukungachemi, ukuqinisekisa ukuthi wonke umuntu uyakwazi ukuvota kanye nokushoda kolwazi.
  • Inqubo yokhetho isaqhubeka nokwethenjwa ngabavoti.

KUMENYEZELWE IMIPHUMELA YAMAQEMBU EZEPOLITIKI

Emcimbini wokumenyezelwa kwemiphumela, i-IEC iveze amaqembu ezepolitiki amahlanu ahambe phambili okhethweni lwango-4 Novemba 2026.

Imiphumela imi kanje:

  1. African National Congress (ANC): Ithole u-30.76% wamavoti, yazuza izihlalo ezingama-3 246 emikhandlwini yomasipala.
  2. Democratic Alliance (DA): Ithole u-24.64% wamavoti, yazuza izihlalo eziyi-1 695.
  3. uMkhonto weSizwe Party (MK Party): Ithole u-9.76% wamavoti, yazuza izihlalo ezingama-785.
  4. Economic Freedom Fighters (EFF): Ithole u-6.22% wamavoti, yazuza izihlalo ezingama-588.
  5. ActionSA: Ithole u-5.67% wamavoti, yazuza izihlalo ezingama-313.

UMoepya uthe ukhetho luqhutshwe ngaphansi kwezimo ebezinokuthula kakhulu ezweni lonke.

Amanye amaqembu ezepolitiki kanye nabangenele ukhetho ngokuzimela bathole u-22.97% wamavoti uma behlanganisiwe, bathola nokumelwa emikhandlwini yomasipala.

UKULAWULWA KOMASIPALA NGAMAQEMBU EZEPOLITIKI

Ngokwemiphumela yomasipala, amaqembu ezepolitiki athole lokhu okulandelayo:

  1. ANC: Ithole iningi eliphelele lezihlalo komasipala abangama-53, kanti ihamba phambili komasipala abayi-128.
  2. DA: Ithole iningi eliphelele komasipala abayi-12, kanti ihamba phambili komasipala abangama-32.
  3. Inkatha Freedom Party (IFP): Ithole iningi eliphelele komasipala abahlanu, kanti ihamba phambili komasipala abayi-19.
  4. MK Party: Ithole iningi eliphelele komasipala abathathu, kanti ihamba phambili komasipala abayi-19.
  5. Rise Tsantsabane Communities: Ithole iningi eliphelele kumasipala oyedwa.

Komasipala abangama-213, imikhandlu engama-72 ineqembu elithole iningi eliphelele lezihlalo.

Komasipala abayi-127, alikho iqembu lezepolitiki elithole izihlalo ezingaphezu kuka-50%. Lokhu kusho ukuthi le mikhandlu ayinalo iqembu elizokwazi ukubusa lodwa, okwaziwa ngokuthi hung councils, futhi kungase kudingeke ukuthi amaqembu akhe ohulumeni bokubambisana.

Amaphepha okuvota awonakele noma angabalwanga ngenxa yamaphutha abavoti abe ngu-1.84%.

AMAQEMBU ANGAMA-521 ABEGENELE UKHETHO

I-IEC iveze ukuthi amaqembu ezepolitiki angama-521 kanye nabangenele ukhetho ngokuzimela abangama-636 babambe iqhaza okhethweni.

Sekukonke, bekunabantu abangaba ngu-137 000 abebengenele ukhetho, kubalwa abamele izigceme kanye nalabo abamele amaqembu ngokohlelo lokumelwa ngokulingana kwamavoti, olwaziwa nge-Proportional Representation (PR).

Bekuqhudelanwa ngezihlalo eziyi-10 526 emikhandlwini yomasipala, ezihlanganisa:

  • Izihlalo zezigceme eziyi-4 485.
  • Izihlalo zokumelwa ngokulingana kwamavoti (PR) eziyi-4 340.
  • Izihlalo zemikhandlu yezifunda ezingama-707, ezabelwa ngokohlelo luka-40% lokumelwa ngokulingana kwamavoti.

Ngaphezu kwalokho, izihlalo ezingama-994 zemikhandlu yezifunda, ezimele ingxenye esele engu-60%, zizogcwaliswa ngokukhethwa kwamakhansela yimikhandlu yomasipala bendawo, ngokuhambisana nemithetho elawula ohulumeni basekhaya.

I-IEC IBONGA ABAVOTI NABASEBENZI BOKHETHO

UMoepya udlulise ukubonga kubo bonke abantu baseNingizimu Afrika abaphumelele ukuyovota, kulabo abebengenele ukhetho, emaqenjini ezepolitiki, kubasebenzi bokhetho, kubaqaphi bokhetho kanye nakuzo zonke izinhlaka ezisize ekuqinisekiseni impumelelo yokhetho.

Uphinde wahlonipha isisebenzi se-IEC esashona esiteshini sokuvota eMahikeng ngosuku lokhetho.

I-IEC IZOBUYEKEZA IZINSELELE EZIVELE NGESIKHATHI SOKHETHO

Nakuba i-IEC isimemezele ukuthi ukhetho belukhululekile futhi lunobulungiswa, uMoepya uthe iKhomishini izobuyekeza yonke inqubo ukuze kubhekwane nezinkinga ezivele ngesikhathi sokhetho.

“Sizohlola ngokwethembeka nangokucophelela konke okwenzeke kulolu khetho. Sizolalela izikhalo nemibono yabavoti, amaqembu ezepolitiki, abangenele ukhetho, abaqaphi bokhetho kanye nabasebenzi bethu,” kusho uMoepya.

Uhalalisele bonke abakhethwe ukuba ngamakhansela, wabakhumbuza ukuthi ohulumeni basekhaya banomsebenzi obaluleke kakhulu ngoba yibona abathinta ngqo impilo yabantu yansuku zonke, ikakhulukazi ekuhlinzekweni kwezidingongqangi nasekuthuthukisweni kwemiphakathi.

“Iphepha lokuvota selininike igunya kanye nomsebenzi okufanele niwufeze,” kusho uMoepya.

Ugcizelele ukuthi intando yeningi ayigcini ngosuku lokhetho kuphela, kodwa iyaqhubeka ngokuthi izakhamuzi zibuze imibuzo, zilandelele ukusebenza kwalabo abazikhethile futhi zibabophezele ekufezeni izethembiso zabo.

“Ngakho-ke, kuyilungelo elikhulu kimina ukumemezela ngokusemthethweni ukuthi ukhetho loHulumeni Basekhaya lwango-2026 seluphothuliwe, futhi belukhululekile lunobulungiswa,” kuphetha uMoepya.

Umthombo: SAnews.gov.za

SHEILA MHLONGO
Author: SHEILA MHLONGO

Joyina Umndeni Wethu

We don’t spam! Read our privacy policy for more info.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *