Isigaba sesi-IV se-Basic Education Employment Initiative siyaqala

SAMUKELISIWE MBONAMBI

UMnyango wezeMfundo eyisisekelo uthe ukuqala kwesigaba IV kuhambisana nokuqala konyaka wokufunda ka-2023, futhi kunikeza intsha ithuba lokuba sezikoleni ngesikhathi esibucayi lapho idingeka khona.

Lokhu kulandela impumelelo yeSigaba I – III, lapho kwavuleka khona amathuba emisebenzi angaphezu kuka-850 000 entsheni.

Inhloso yeSigaba IV ihlelelwe amathuba emisebenzi angu-255 000 entsheni kuzo zonke iziFundazwe eziyisishiyagalolunye (9). U-255 000 uhlukaniswe waba amaqoqo amabili u-+/-150 000 kanye no-105 000 wentsha ngokulandelana. Iqembu lokuqala liqale mhlaka -1 kuFebhuwari 2023, kanti iqoqo lesibili labangu 105 000 lizoqala ngomhlaka 1 Meyi 2023. Nokho, iKwaZulu-Natali neNtshonalanga Kapa zizoqoka iqoqo ngalinye, kusukela mhlaka1 Febhuwari nangomhlaka 1 Mashi 2023 ngokulandelana.

“I-PYEI-BEEI iphakamisa ukuthi kunesikole sikahulumeni kuyo yonke imiphakathi eNingizimu Afrika, esivumela uhulumeni ukuthi anikeze amathuba emisebenzi entsheni okujwayeleke ukuthi ishiye imiphakathi yayo ukuze ifinyelele emathubeni ancono.

“Ngakho-ke ukubandakanywa kwabantu kuyinsika esemqoka yalolu hlelo. Ngokunjalo, izikole zigqugquzelwe ukuthi zinikeze amathuba entsheni ekhubazekile nabesifazane abaningi ” kusho i-DBE.

Umnyango uthe izikole nazo sezikhonjiwe ukuthi zibeke eqhulwini intsha ehlala emiphakathini lapho izikole zikhona. Ngale ndlela, akudingekile ukuthi umuntu asebenzise imali uma eya noma ebuya esikole aqashwe kuso.

I-PYEI Phase IV ihlose ukuhlinzeka intsha ngamakhono anzima adingekayo emsebenzini.

ISigaba IV okugxilwe kuso kwesekwa othisha ukuze kwenziwe ngcono imiphumela yokufunda. Iningi lentsha lizobe lisebenzisana nothisha ekilasini njengabasizi bohlelo lwezifundo.

SHEILA MHLONGO
Author: SHEILA MHLONGO