SAMUKELISIWE MBONAMBI
Maduze uhulumeni uzotshala amaphoyisa omgwaqo amasha angu-250 kuzwelonke emigwaqeni ukwandisa isibalo njengoba umsebenzi wokulwa nokuhlonishwa kwemithetho yomgwaqo uqhubeka.
“Lawa ngamaphoyisa aphile saka futhi sicabanga ukuthi azobamba elikhulu iqhaza ekuqinisekiseni ukuphepha emigwaqeni yethu. Sibaqeqeshe kuzo zonke izinto ezithinta ukuphepha emgwaqeni futhi sicabanga ukuthi leli qembu lizoba nomthelela omkhulu ekufeni kwabantu emigwaqeni nasezingozini zomgwaqo.” kusho okhulumela iRoad Traffic Management Corporation (RTMC), uSimon Zwane, ngesikhathi ekhuluma nabezindaba.
Ngokuya ngezidingo, amaphoyisa omgwaqo azotshalwa ezindaweni ezinesidingo esikhulu ukuze asize ekwehliseni isibalo sezingozi zomgwaqo. Inhloso ebalulekile yamaphoyisa omgwaqo ukuqinisekisa ukuhamba okuphephile nokukhululekile kwezimoto, ukuvimbela izingozi zomgwaqo nokufa kwabantu emigwaqeni. Baqinisekisa ukuthi bonke abasebenzisi bomgwaqo, kuhlanganisa nabahamba ngezinyawo, basebenzisa imigwaqo ngendlela ehlelekile nephephile.
“Ukwengezwa kwamaphoyisa omgwaqo angu-250 kuzothuthukisa ukubonakala kwamaphoyisa emgwaqeni ukuze kuqinisekiswe ukuthi abashayeli bayathobela imithetho. Bazophinde baqinisekise ukuthi njengezwe siyaphokophela ukufeza inhloso yokwehlisa izinga lokushona kwabantu emigwaqeni ngo-50% ngonyaka ka-2030,” kusho uZwane.
Leli thimba lamaphoyisa omgwaqo liqale ukuqeqeshwa ngonyaka wezi-2019 ohlelweni lweminyaka emithathu lweNational Qualifications Framework (NQF) level 6, olulingana neNational Diploma.
“Lokhu kungaphezulu kwezifundo ebezifundiswa amaphoyisa omgwaqo phambilini. Phambilini bebenikezwa i-NQF Level 4, elingana nesitifiketi sikamatikuletsheni. Izifundo zinengxenye yetiyori kanye ne-practical, kanti amanye amamojuli agunyazwe ezikhungweni zemfundo ephakeme,” kusho uZwane.
Amaphoyisa omgwaqo achitha amahora awo amaningi okusebenza engaphandle emigwaqeni. Ingxenye encane yesikhathi sabo basichitha ezinkantolo nasemahhovisi benza imisebenzi yokuphatha. Benza umsebenzi wabo wokugada ikakhulukazi ezimotweni abanye ngezithuthuthu nangezinyawo.