SAMUKELISIWE MBONAMBI
Ingwazi yeBafana Bafana, uBenni McCarthy, ichazwe njengomuntu ofana nesibusiso efika ishintsha izinto kwiManchester United kuPremier League. UMcCarthy owake waba ngumgadli, ujoyine iManchester United ezinyangeni ezedlule ngemuva kokuhlukana naMaZulu adlala kuDStv Premiership.
I-website yezemidlalo ehamba phambili e-United Kingdom, iSports Bible imuncomile uMcCarthy yaze yabhala ukuthi uzokhunjulwa njengomunye wabantu abenze kahle kwi-Man United kule sizini, le-website ikhuluma ngokukhula kweManchester United kusukela kuqokwe uBenni McCarthy njengomqeqeshi wabagadli.
Usephenduke isilomo kubathandi beqembu bakhona la eNingizimu Afrika kanye naphesheya kwezilwandle kulandela ukuphendula umgadli weManchester United uMarcus Rashford umshini njengoba ipali engasalibheki uma eqondene ngqo nogoal keeper. U-Rashford ongene esikhundleni sika-Garnacho uholele ekutheni bashaye igoli ngesiwombe sesibili ngesikhathi eshaya igoli lakhe lesini ngekhanda kulesizine emdlalweni wabo kade beqhathwe neLeeds bathola wonke amaphuzu njengoba benqobe lomdlalo ngo 2-0.
UMcCarthy uthathwa njengomunye wabantu abaliqondayo kakhulu ibhola laphesheya kwezilwandle ngenjoba eseke waba ngumgadli ovelele ngesikhathi enqoba i-UEFA Champions League ngaphansi kukaJose Mourinho ePorto ngonyaka ka-2004, wagcina esedlulela e-England lapho azakhela khona igama kwiBlackburn Rovers, waphinde wadlalela iCelta Vigo yaseSpain ne-Ajax Amsterdam yaseHolland.