Umsizi kaNompempe wePSL obelahlekile utholakale ehlathini

SAMUKELISIWE MBONAMBI

UTshepo Nojila, utholwe esaphila futhi usehlanganiswe nomndeni wakhe eMadibogo Village esiFundazweni saseNorth West. Umsizi kanompempe, uNojila oneminyaka engu-32 ubudala ususe umsindo ngempelasonto ngemuva kokubikwa ukuthi usenyamalele izinsuku ezinhlanu(5) kade egcine ukuphatha umdlalo weDStv Premiership phakathi kweRoyal AM neGolden Arrows ngomhlaka-4 Febhuwari 2023.

UNojila wehluleka ukubuyisela imoto eqashiwe njengoba bekuhleliwe nokwaqala ukuqubula ukukhathazeka kumalungu omndeni wakhe kanye neSafa. Inhloko yonompempe beSafa u-Abdul Basit Ebrahim uqinisekise ngempelasonto ukuthi usoseshini ubukhathazekile ngokuthi ukuphi uNojila kanti umndeni wakhe waphinde wavula icala lomuntu olahlekile esiteshini samaphoyisa eMmabatho.

Okhulumele amaphoyisa aseNorth West uBrigadier Sabata Mokgwabone useqinisekise ukuthi uNojila utholwe ngamalungu omphakathi ehlathini.

“Singakuqinisekisa ukuthi uTshepo Nojila  kubikwe ukuthi uduke esiteshini samaphoyisa eMmabatho ngoLwesine, 9 February 2023. Wagcina etholakale ehlathini esigodini saseMadibogo ngeSonto, 12 February 2023, ngemuva kokubonwa ngamalungu omphakathi. wazisa umndeni.

“UNojila utholwe emotweni abehamba ngayo ngesikhathi enyamalala wabe esexhunyaniswa nomndeni wakhe. UNojila wasuka elapho ehlala khona esigodini saseMadibogo ngoLwesibili, 7 February 2023, eya eMahikeng eyobuyisela imoto eqashiwe kodwa akabange esabuyela ekhaya futhi engazibambi nezingcingo udadewabo waya kobhalisa umuntu olahlekile esiteshini samaphoyisa eMmabatho ngoLwesine, 9 February 2023,” kusho isitatimende.

U-Ebrahim uthe bakhululeke ngokuthi isikhulu somdlalo sitholakale singenamyocu futhi bazomunika ukwesekwa uma kudingeka.

“Asinalo olunye ulwazi ngokuthi uvelaphi nokuthi bamthole kuphi okubalulekile wukuthi akalimalanga, konke kuhamba kahle futhi unomndeni wakhe,” usho kanje.