USiphesihle Thusi ucela usizo lokukhangisa umculo wakhe

USiphesihle Thusi (28) okhulele eMpangeni esigodini saseMacekane kodwa otholakala eMandeni phansi eMacambini ungene endimeni yezomculo ngonyaka ka-2015 enza umculo obizwa nge-Skandi Trap ngeStage name sika Jey Unknown.

“Ngiqale ukucula ngonyaka ka-2015 ngenza umculo weSkandi Trap nokuyinto abantu abaningi abangayijwayele ngoba uhlobo lwezingoma ezihlanganise uMaskandi kanye noHip-Hop, loluhlobo lomculo ngiyaye ngiluthathe njengohlobo oludinga ubuchule beciko nengiyaye ngibone kungakho abantu abaningi bengalenzi. Kanti Umsebenzi esengike ngawukhipha usumningi kakhulu uma ngingabala ezaduma kakhulu ngibala iDRUNKEN SONG, IMPIL INZIMA ephinde yangiwinisa indondo ye Song of the year 2022 emcimbini owawuhlelwe iphephandaba lomphakathi iKZN Namuhla, iKZN NAMUHLA ARTISTS AWARDS” elandisa iphephandaba uJay Unknown.

Uphinde wadalula ukuthi kukhona umsebenzi omusha ophume ngomhlaka 28 Februwari 2023 unesihloko esithi 1st Of January Ep acelayo ukuthi abantu bayi download uyakholelwa ukuthi bangayithanda ngoba usebenze kanzima kakhulu kuyona, Ube esecela abantu abangasebenzisana naye bamulekelele akhangise umculo, umuntu ozoba imenenja yakhe noma kube iRecord label kodwa uthe okuhamba phambili uyacela abantu bamubhukhe uma benze imicimbi.

Uma ufisa ukuzwa umculo wakhe ungasebenzisa le-Link_ naku le link

https://audiomack.com/jeyunknown2/album/1st-of-january-ep?key=letusenjoyourep noma uye kuMdundo.com/ slikouronlife kanti ungaxhumana naye kule nombolo: 0665050086 nasezinkundleni zokuxhumana kuFacebook: Mjita Wempilo Jey.