I-Nhlanhleni Primary School izothola izindlu zangasese ezintsha

SAMUKELISIWE MBONAMBI

Umsakazo iGagasi FM kanye neHollywood Foundation bazosebenza ngokubambisana  ekulungisweni kwezindlu zangasese zesikole iNhlanhleni Primary, eHowick, KwaZulu-Natal.  Loluhlelo luyingxenye yezinhlelo eziqhubekayo ze-Corporate Social Investment (CSI) zazo zombili izinhlangano, okuhloswe ngazo ukuthuthukisa izimpilo zemiphakathi.

IGeleza Ne Gagasi wuhlelo lwaminyaka yonke lweGagasi FM lwe-CSI olusiza abazali ekubuyiseleni izingane esikoleni. Ngaphansi kwe-Adopt A School yilapho iGagasi FM lithatha khona isikole unyaka owodwa ngenhloso yokusishiya sisesimweni esingcono.

Isikole iNhlanhleni Primary School yisona sikole esithathwe yiGagasi FM ngonyaka ka-2023.

IHollywood Foundation yinhlangano engenzi nzuzo esebenzela ukuthuthukisa izimpilo zemiphakathi entulayo eNingizimu Afrika.

UNksz Bongeka Mkhize oyiNhloko yakwaGrade 7 eNhlanhleni Primary School ubhalele iGagasi FM ecela usizo ngezindlu zangasese zesikole. IGagasi FM neHollywood Foundation bangenelele ukusiza.

Lo msebenzi uzobandakanya ukulungiswa ngokugcwele kwezindlu zangasese, ukuqinisekisa ukuthi isikole sihlinzeka ngendawo yokufundela ephephile nenempilo ezinganeni nokunye.

Ekhuluma ngobudlelwano, uPinky Myeni weGagasi uthe: “Siyajabula ukusebenzisana neHollywood Foundation kulolu hlelo lweCSI. Njengesakhamuzi esiqotho, sikholelwa ekubuyiseleni emiphakathini esesekayo.”

oweHollywood Foundation, uNksz Vuyisile Ngobese wengeze ngokuthi, “Sikholelwa ekunikezeni indawo ekahle yokufunda, futhi lokhu kubambisana neGagasi FM kuzosenza sikwazi ukufeza lowo mbono”.

 Izindlu zangasese ezintsha zizonikezwa isikole emcimbini ozoba ngomhlaka-18 Meyi 2023.