Kubanjwe uhlelo lwe I-Operation Sukuma Sakhe  esifundeni sase-UGU.

THOBILE MBATHA

UHulumeni wesiFundazwe saKwaZulu-Natali oholwa nguNdunankulu waKwaZulu-Natal, uNkz Nomusa Dube-Ncube esekelwe ozakwabo beKhabhinethi, okuhlanganisa noNgqongqoshe wezeMfundo KwaZulu-Natali, uNksz Mbali Frazer kanye nezikhulu bebesebenza ngesikhathi soSuku lweKhabhinethi ye-OSS obusesifundeni UGU ekupheleni kukaMashi.

Ukuvakasha koSuku lweKhabhinethi kwaqala e-Nkulu Hall lapho kunikezwe umbiko ekuseni kwase kuthi ngemuva kwalokho, kwahlolwa izindawo ezilandelayo; D1084 Road project; Zuzingcebo High School; Thonjeni Clinic; KwaSikhosane – One home one garden; War Room -Wosiyane Sports Complex; and kanye neCommunity Engagement at the Wosiyane Sports Complex.

UNgqongqoshe wezeMfundo KwaZulu-Natali, uNksz Mbali Frazer uvakashele okokuqala enkulisa yaseBhekanyuswa ukunikeza izingane amathoyizi ejabulile.