Abezingadi zemiphakathi (Community Food Gardens) bazothola ithuba lokudayisa izitshalo
zabo kwaShoprite ngosuku lwe Checkers Market Day oluzoba ngomhlaka 7 Juni 2023. Lapha
kuzobe kudayiswa izitshalo eziphuma ezingadini zabalima ezindaweni zasemphakathini
abahlala kuyo.
Ngokwesitatimende esikhishelwe abezindaba sithi lokhu kuzobe kungokokuqala ngqa
selokhu kwaqala iMarket Day ngonyaka ka 2017. Kanti nabe Community Food Gardens base
Lesotho nabo bayobe beyingxenye yale Market Day bedayisela umphakathi bukhoma .
“Siyajabula kakhulu ukuthi uhlelo lwethu lweCheckers Market Day lubonakala lunesasasa
elikhulu futhi likhula ngesivinini selokhu lasungulwa”. Kusho uMnu Sanjeev Raghubir, oyi-
Sustainability Manager yakwa Shoprite Group.
Ephetha uSanjeev uthe kubona beyi Shoprite kuyajabulisa ukuthi sebekwaze ukuxhasa
abalimi bezingadi ngohlelo lokuthi nabo bakwazi ukuziphilisa bazenzele imali ngezithelo
zabo abazitshala ezindaweni abahlala kuzona.
Bonke abafisa ukweseka noma ukuxhasa labalimi bezingane bangavakashela kwaShoprite
noma kwaCheckers ngoLwesithathu lomhlaka 7 Juni.
Abezingadi zemiphakathi (Community FoodGardens) bazothola ithuba lokudayisa izitshalozabo kwaShoprite
![](https://kznnamuhlanews.co.za/wp-content/uploads/2023/06/Ratanang-Agricultural-Cooperative-Limited-at-Shoprite-Mankweng-1-scaled.jpg)