Umculi unqamule zonke izinhlelo zakhe zokuzungeza amazwe ngenxa yokugula

THAMI SHESHANE
Umculi ongaconsi phansi kubathandi bomculo useqoke ukumisa zonke izinhlelo zomzungezo wamazwe ngenxa yokuxinwa isifo .
U Celine Dion(55) oseqoqe ama Grammy Awards amahlanu, nama Awards acela ekhulwini waxinwa yisifo esingajwayelekile esaziwa nge Stiff Person Syndrome ngonyaka ka 2022. Lesisifo sidalwa ukuthi amasosha omzimba ashaye ama enzyme bese imisipha iyaqina kwakheke ama spasms.
Lesisifo kuthiwa sikhungatha okungenani abantu ababili kwabayisigidi. U Celine Dion ubhale ku Twitter wakhe ukuthi useyawunqamula umzungezo wakhe abewuhlelele u 2023 no 2024. LeNdlovukazi enamanoni afana no “My heart will go on” eyagcina isiyi soundtrack le filim I Titanic.
“Ngiyaxolisa ukuniphoxa futhi, yize kuyiphula inhliziyo yami kepha ngibone kungcono nginqamule yonke imicimbi enginayo ngize ngikukungele ukugibela e steji.” Kubhala u Dion ku Twitter ngoLwesihlanu.
Lomculi wase Canada ongaconsi phansi kubathandi bomculo emhlabeni jikelele uphinde wabhala naku Instagram wakhe ukuthi uyazama ukubuyisa amandla kodwa akazulahla ithemba wathembisa nabalandeli bakhe ukuthi uzoba bona kungekudala. Uxinwa yilesi sifo nje lomculi ubenohlelo lokuzungeza olwaziwa nge Courage Tour abulala ngo 2019 kanti ubese ezungeze amadolobha angu 52 ngaphambi kwe Covid 19 eyamphoqa ukuba amise loluhlelo.