I-Advertising Regulations Board of South Africa (“ARB”) inqume ukuthi indawo yokudla
yaseThekwini esebenza ngaphansi kwegama elithi Zuma yenza ukuhweba ngedumela
lomkhiqizo osuvele usunguliwe wegama elifanayo futhi wephula umthetho we-Code of
Advertising Practice olawula amazinga okukhangisa eNingizimu Afrika.
Isinqumo sendawo yokudlela yaseThekwini sokulingisa uphawu lweZuma ekukhangiseni,
nasezitatimendeni kwabezindaba, kungenzeka sibangele inkohliso noma ukudideka, kudale
umbono wokuthi laba bobabili bahlangene.
Ngokusho kwe-Code of Advertising Practice, izikhangiso akufanele ziqukathe noma yisiphi
isitatimende noma isethulo esibonakalayo esingadukisa umthengi.
ENingizimu Afrika ikakhulukazi eKZN, igama elithi ‘Zuma’ livame ukuhlotshaniswa nalowo
owayenguMengameli waseNingizimu Afrika, uMnu Jacob Zuma.
“UZuma ukubeke kwacaca kusukela ekuqaleni ukuthi indawo yokudlela yaseThekwini
ayihlangene nakancane nomkhiqizo wethu. Isinqumo se-ARB sikubeka kucace ukuthi kube
nomzamo wokudukisa amakhasimende nokuzuza ngegama lethu elihle,” kusho i-CEO kaZuma,
uSven Koch
Indawo yokudlela iZuma ecaleni lokuphula umthetho we code of advertising practice

